INGOSI: Akekho ongazi ukuthi "ondukencane" bayayidedela imali

2018-01-05 19:30

eThekwini - Bawathola abantu amabhonasi abo ngoDisemba babaleka bathi baya emakhaya, kanti abanye abakaze bahambe, bavele bakhukhumala amakhanda.

Ngoba akekho umuntu othanda ukubukwa njengomuntu othole ibhonasi kaDisemba. Kuvele kube ngathi uyasangana.

Yeyi iqonywe indoda ingabe isabambeka, uthi uyinqanda ngapha, iputshuke ngale.

Ugcine usubona ukuthi kungcono uyiyeke yenze lokhu ekuthandaya. Umuntu ahambe ekuseni eyothenga isinkwa, uyoze umbone ngobumnyama esekhasa ngamadolo.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Inkulu ingcindezi kwabakipitile ngamaholidi okuphela konyaka

Abanye badelele ngoba beqonyiwe, kanti umuntu akazi ukuthi uyibhajethi yangoDisemba.

Ujabulela ukubizwa ngodali, ukubizwa zonke izinsuku, unconywe nasembhedeni into engavamile ukwenzeka ngoba lomuntu ohlala naye akavamile ukuyincoma inkonzo yasekamelweni.

Isiphukuphuku sendoda sicabanga ukuthi senza ezibukwayo, kanti akazi ukuthi omas'gebengu abeve bebakhohlisa "ototo."

Phela kuyaziwa ukuthi lawa madoda anenduku encane ayayidedela imali.

Umuntu umuzwa elokhu ehevuzela phezu kwakho ungazi nokuthi wenzani, ulokhu uzwa into ekukitazayo ucabanga ukuthi usayidlalisa ngaphandle , kanti usephelele khona lapho.

Ithule intombi ithi ukumamatheka nancane phela nayi indoda iyagxumagxuma mhlawumbe kukhulu okuzayo, kanti cha umcimbi usuyophela.

Lapho isigebengu sentombi silokhu siyazikhalisa sazikahle ukuthi asizwa lutho sesenzela ukuthi achame unkunzana, ajabule sengathi kukhona okumnanjana okwenzekile, kanti intombi isibala imali ezoyithola.

Washo omunye umama ebhasini wathi: "Amanye amadoda acabanga ukuthi angamasoka aqonywa njalo, kanti cha, ziyabaleka izintombi, akekho phela ongamelana nototo, hhaybo."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...