INGOSI: Akekho ovumisa inkonzo yasekamelweni njengendoda engasebenzi

2017-10-10 19:31

eThekwini -  Umuntu akalahlwa, kwazisholo owesimame ebhinqa ngemuva kokupikla ngokuthi akasoze athandane nendoda engasebenzi.

Ayikho into edida umuntu wesimame njengendoda engenamali kodwa eshaya uqanduqandu enkonzweni yasekamelweni.

Unokuzwa abantu besimame bekhohlisana bodwa, “mina angiyifuni indoda engenamali, ngeke mina ngithandane nomahlalela, ngizomenzani ungoqo ongakwazi nokungenza ikhanda.”

Wemame, sithule siyakubuka, sishaya sengathi asiboni ukuthi ubafo wakho lo ujika nelanga usuku lonke.

Yeyi ngoba bayakwazi ukuyenza into yabo labobhuti abangenayo inhlanhla yamatoho.

Kuba sengathi umuntu uyazitshela ukuthi, ngoba nakhu ngiyahluleka ukukondla, angivele ngiqinise kakhulu kule nkonzo.

OLUNYE UDABA:Ucansi lumnandi uma owakho ephiwe induku - Obehayiza

Umuzwe owesimame ephahluka esaluni, sekuxoxa, ngoba ayaphuma yini amaqiniso emasaluni, umuntu athi yeyi bengithi ngeke ngithandane nendoda engasebenzi, kodwa yooo angifuni lutho ngebabazi lami.

Umuzwa emamatheka esholo phezulu, "ngisho kuthiwa akasebenzi kodwa, likhona itoho alenza kahle. Ngize ngimsole ukuthi mhlawumbe uke wadayisa ngomzimba ngoba yeyi, ngivele ngingakwazi ngisho nokuhamba uma sike sahlangana naye," kusho yena. 

Abanye bathi indoda engasebenzi ayikwazi ukungashayi into ecokeme ekamelweni ngoba vele ayisebenzi, ngeke kubhede konke.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-27°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 12-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Scattered showers. More clouds than sun. Mild. PE: 14-21°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...