INGOSI: Akasizame nathi uMalema ngale wohloza yakhe

2017-07-09 16:32

Durban - Wancipha uJulius Malema waphela emehlweni simbhekile kanti sinjani lesimunyula mafutha sakhe.

Hawu kunini senziwa izimila kuthiwa sidle iziqathi, ujohani 14, kanye notamatisi. Abanye sibabona behla benyuka namabhodlela etupperware bafake amanzi anolamula nokhukhumba kodwa imikhaba isathe bhe.

Nakwa-Virgin Active sebeziqedile izimali zabantu, silokhu sikhuthazwa ngemizimba yasehlobo, hawu akasilamulele uMalema.

Kanti yena yini ngempela le ayisebenzisayo emsheshisa kangaka ngoba yooo hhayi akusekho bantu lapha kuye.

Sesibona ngekhanda nje ukuthi yilomuntu esimaziyo.

OLUNYE UDABA: Nongathwele uyasindwa!

Into engixakayo ngale dayethi yalo mbhemu wukuthi yazi imudla kahle akukho ngisho nama-bye bye, Lamakhehla ango-Gwede ngempela awayiceli ngani iresiphi ngoba sizoqhuma isisu, kanti nangu mfana onekhambi.

Hhayi impela kudala abantu bethenga amabhokisi namabhokisi oHerbex, sekukhona no-Babes besigubh esiphuzi, Forever, kodwa nje nakho lokho akusebenzi.

Siza bo Malema ungajabuli wedwa sikhona sixakekile.

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...