INGOSI: Abesimame sebephuza njengamadoda

2017-11-19 16:02

eThekwini - Kuthiwa abesimame bazama ngakho konke okusemandleni ukulingana namadoda, kodwa ucwaningo olusha lubonisa ukuthi ukuphuza kwabo njengamadoda kungaba yingozi.

Abesimame sebecishe baphuze ngokufana namadoda kanti lokhu akukuhle uma kubhekwa isimo sezempilo.

Endulo, ucwaningo lwaluveza ukuthi amadoda ayephuza kakhulu kanti lokhu kwakuyiphazamisa kakhulu impilo yawo. Kuthiwa amadoda ayebadlula kude le abesimame ngokuphuza nokuyinto okwakuhlukaniswa ngayo amadoda nabantu besifazane.

Mumva-nje ucwaningo lubonisa ukuthi ukuphuza kwalaba kucishe kufane emhlabeni wonke jikelele kanti ukuphuza kakhulu akukuhle.

UTim Slade osebenza njenge-Epidemiologist esikhungweni iNational Drug and Alcohol Research Centre eNyuvesi yaseNew South Wales e-Australia uyena obehola lolu cwaningo.

OLUNYE UDABA: Utshwala buyingozi kakhulu kubantu besifazane - Ucwaningo

USlade uthi yize singekho isizathu esiphathekayo esenza abesimame baphuze kakhulu ngaphandle kokuthi sekwaba yinto ejwayelekile ukuthi abantu bazithokozise ngophuzo oludakayo.

Esikhathini esiningi abantu bafunda ukuphuza lapho beshiya khona abamakhaya beyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme noma beyosebenza kanye nokuzimela ngakwezezimali ngezinye zezizathu ezenza abantu bakhululeke kakhulu ngasotshwaleni.

Kuthiwa indlela umzimba womuntu wesilisa nowesifazane owakhiwe ngayo kwenza kube nezinto ezithile ezihlukile ngendlela umzimba owamukela ngayo utshwala.

Izinga leBlood alcohol content (BAC) liyehluka uma umuntu wesifazane esesikhathini ngoba umzimba ugcina amanzi amaningi ngalesi sikhathi.

Ngokwejwayelekile, abesifazane banamanzi amaningi ngesilinganiso esiphakathi kuka-10 no-15% emzimbeni uma beqhathaniswa namadoda, kanti uma besesikhathini – amanzi aba maningi kakhulu emzimbeni.

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...