Imvamisa yala bafana abadlala ngamantombazane, izala wona

2017-01-28 11:05

Durban – Sekukaningi ngiqaphelisisa ukuthi iningi lala madoda azishaya izifuba ngokuthi wona angama-player, uma sekufika ithuba lokuthi abusiswe ngezingane avele athole amantombazane.

Le nto iyethusa ke ngoba phela omuntuza laba bathi bezalwa nje bebe sebetshethe iziphambano abangahlangene nazo.

Lokhu ngikusho ngoba isisho siyasho ukuthi izono zabazali ziyowela ezinganeni zabo.

Uma ungakukholwa lokhu kuhlaziya kwami njengomhlaziyi ozimele, awucabange nje laba abadume ngokuba ngama-blesser, o-sugar daddy kanye nama-player ukuthi abazele yini amantombazane.

Lokhu-ke mina ngiwuMamMgobhozi ngiye ngokubuke njenge-karma okanye isijeziso sazo zonke lezi zono ohambe uzidala – udlala ngezinhliziyo zezingane zabantu.

OLUNYE UDABA: Uyamchitha ujoji uSthandwa Nzuza

Uma ufikelwa umuzwa wokudlala ngengane yomuntu uboke uthathe noma umzuzwana ucabange ukuthi ngelinye ilanga lokhu okwenza enganeni yabantu, nabanye bayokwenza enganeni yakho.

Lezi zinyembezi ezikhalwa yile “ntombi” yakho, nengane yakho bazoyenza esifanayo abanye bese kudingeka ukuthi wena uyiduduze.

Umfana ayithuke ingane yabantu ngayo yonke inhlamba ongayicabanga, kepha uma esefika ekhaya uyithanda ukufa ingane yakhe yentombazane. Uyiphathisa okweqanda, akafuni ithintwe futhi angabulala umuntu ngayo.

Hhayibo! UNkulunkulu akasona isilima.

Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi izinyembezi zithi zigeleza zibe zihambisana neziqalekiso. Bhasobha-ke ungafaki ingane yakho enkingeni ngenxa yobudedengu bakho nokufuna ukubukwa okwesikhashana.

Angikhulumi ngoba ngigcwele intukuthelo ngoba kukhona owangiphoxa, empeleni nje ngixwayisa labo abasabona kusesitayeleni ukuphula izinhliziyo zamantombazane ukuthi; hhaybo bhasobha ngoba le mini iyeza enganeni yakho!

Ake uthule Mamgo kuzoze kuthiwe usuthe ngoba nakhu kukhona owakuphoxa, kanti abazi ukuthi zonke izinto zakho zihamba kahle kwezothando.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C More clouds than sun. Mild. Pta: 9-22°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 7-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...