EBHALELWE UMHLELI: Siyahlupheka amanesi asebenza ukuthanda kwawo emtholampilo wasoShabeni

2017-03-11 15:42

Mhleli,

Ngihlala endaweni yasoShabeni, ePortShepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal.

Ngikhala ngomtholampilo wakule ndawo okuSt Faiths Road, i-Assissi Mission Clinic, ngenxa yokuthi siyahlupheka ngoba le ndawo ivula ngemuva kwesikhathi bese iyashesha futhi ukuvala.

Angiphathi-ke khona uma amanesi esezohamba kanyekanye aye ekhefini.

Benjalo nje abasebenzi balo mtholampilo bahudula izinyawo uma besebenza, ungafunga ukuthi baphoqiwe, akusetshenzwa neze ngendlela efanele. 

Okunye okungikhathazayo ukuthi lo mtholampilo mncane ekubeni uhanjelwa abantu bezigodi eziningi.

Kwaqale kwavalwa isibhedlela kule ndawo, yaphendulwa umtholampilo kwathiwa sizosebenzisa iPort Shepstone Regional Hospital, kanti lokhu kuyinkinga kakhulu.

Ngizokwenza isibonelo nje, uma kulimele umuntu kumele kusuke i-ambulensi edolobheni kanti kwesinye isikhathi ithatha cishe amahora ayisithupha ukufinyelela oShabeni, kokunye igcine ingafikanga nhlobo. Uma ungenayo imali yokuziqashela imoto usuke usenkingeni.

Sesibekezele kwenele sekufanele kungenelele uhulumeni manje.

Obhalile,

T Nzimase, oShabeni

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...