EBHALELWE UMHLELI: Iyindida eyamaqembu aphikisayo kuleli

2017-01-25 16:02

Mhleli,

Akengindlulise ulaka lwami njengomvoti nomhlali wakuleli mayelana nokuphelelwa ushatini kwamaqembu aphikisayo akuleli, mhla ngiyovota ngangifumbethe izethembiso abebezenzile, hhayi le nsambatheka eyenzakalayo manje,

Omasipala abakhulu abawinwa i-DA eGoli angiboni mehluko kubona, kepha balokhu besibelesele ngohulumeni ka-ANC ukuthi wenzeni noma wenzani.

Lezo yizinto esingahlangene nazo thina, esikufunayo yizethembiso abasethembisa zona hhayi ukuthi ubani wenzani.

Iqiniso lithi akekho umuntu ongenankohlakalo nomsulwa lapha phezulu, ngigcine sengizibuza ukuthi ngabe uMmusi Maimane nguyena mholi we-DA ngempela.

Sengiphetha, siyakwemukela Julius Malema kazi uvelaphi noma ubumatasa ufuna okuncane emalini yaseNkandla, kukodwa nje engingakusho kuwe; bheka izindaba zomuzi wakho ukhohlwe yizindaba zemizi yabantu.

Ubalekele izinkinga zakho kwelaseNquthu, usubuya usuzositshela ukuthi ubani ozoba ngumengameli we-ANC. Uhlanganaphi nalokho, khona eZimbabwe ufunani khona?

Khula usemncane!

Okhathazekile,

U Musa Mathe
O Pongola

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...