EBHALELWE UMHLELI: Akwenziwe isifundo ngababanjwe bukhoma ngamakhamera kowePirates

2017-02-13 11:32

Mhleli,

Siyadumaza isigameko esenzeke emdlalweni obuseLoftus Stadium ngoMgqibelo sokuziphatha kwabalandeli be-Orlando Pirates ngesikhathi bevuk’injebomvu bengena enkundleni kuqhubeka umdlalo.

Ukubona umlandeli oqavile waleli qembu owaziwa ngelikaMakhalanjalo, enqamula izintambo eziphaka isithombe ukuze iSuperSport ikwazi ukusakaza bukhoma lo mdlalo.

Lesi senzo sidumaze kakhulu futhi silethe isithombe esibi kubaxhasi nababukeli abebebukele lo mdlalo umhlaba wonkana.

Umbuzo wami uthi; Kuzokwenzakalni ngoMakhalanjalo ngoba phela uthathwe bukhoma yikhamera egila lo mkhuba?

Ngokwami ukuze abanye bezofunda isifundo, uMakhalanjalo kumele zimkhalele.

Phesheya kwezilwandle uma umlandeli ebanjwe kumabonakude enza into ephambene nefaka iligi ehlazweni, uyaye aboshwe athole isigwebo esinzima sokungaphinde angene enkundleni.

I-PSL namaphoyisa mayiyisukumele le nto kwenziwe isibonelo, okungenjalo izimo ezinjengesangoMgqibelo ngeke ziphinde ziphele.

Kuyadumaza ukuthi kusazophenywa ekubeni iqeqebana lithathwe bukhoma ngamakhamera lenza ububi.

Ngiyabonga,

VDot Mhlaziyi Ndlovu

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...