EBHALELWE UMHLELI: Akumele iDistruction Boyz ihlukanise unyaka

2017-12-23 14:08

Mhleli,

Kwelakho ngivumele ngibeke nalu udaba olungihluphayo.

Akusensuku zatshwala unyaka ugoqwe kungenwe ku-2018. Njengokwejwayelekile, iningi lethu lilalela uKhozi FM ngesikhathi sokuhlukanisa unyaka.

Leyo ngoma ehlukanisayo ithathwa njengevelele onyakeni. Koba kubi kakhulu uma abaphathi boKhozi beyovumelana ngokuthi le ngoma yeDistruction Boyz ethi Omunye Phezu Komunye ihlukanise unyaka. Akukhathaleki noma Kungathiwa ivotelwe abalaleli.

Empeleni, bekungamele ingene ngisho ohlwini lwezingoma ezizoba sembangweni. Asikho nesincane isifundo esihle kule ngoma. Ngempela kuchazani ukuthi omunye phezu komunye?

Kulungileke usekhwele omunye phezu komunye bese kwenzekani? Angiboni noyedwa umzali oqotho ejatshuliswa ukuzwa ingane yakhe icula le mbudane.

Ngokwami le ngoba igqugquzela ukuziphatha okungekuhle. Empeleni, uma ungumzali kushayisa ngamahloni ukuzwa ingane idazuluka icula leli culo elinalezi zinhlamvu engingazizwa kahle.

Sisezweni elibi. Izingane zikhulelwa zincane. Zolo lokhu bekuyiWorld Aids Day izibalo zathi zamantombazane asemancane ahaqwe kakhulu yigciwane lesandulela ngculazi.

Soyinqoba kanjani impi yokukhulelwa nokuhaqeka kwentsha sisacula Omunye Phezu Komunye? Asikhuleni siyisizwe sikaMageba. Asingajatshuliswa yikho konke esifunzwa khona.

Inhloso yomsakazo wukujabulisa, ukwakha nokufundisa. Ngiyafisa abaphathi boKhozi bayibheke ngeso elibanzi indaba yale ngoma. Ayakhi!

Okhathazekile,

eNtuzuma

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24. 

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...