EBHALELWE UMHLELI: Abantu abahlukane nokucwasa izitabane

2017-05-19 07:01

Mhleli,

Ngibhala lana izinyembezi zami ziyagobhoza.

Ngingomunye wamalungu e-LGBTI (Lesbian, gay, bisexual, transgender and intersex), ngenyanga edlule kubulawe omunye wamalungu ethu kwatholakala ukuthi unukubezwe nangokocansi, wabe eseyashiswa.

Kuthe ngeSonto, omunye wethu futhi waphinde watholakala eshonile kwavela ukuthi naye ubedlwenguliwe ngaphambi kokuthi abulawe ngesihluku njengoba ekhandwe ngamatshe.

Namhlanje futhi kunomunye wethu ekuthiwa udlwenguliwe wase eyabulalwa ngeSonto.Kanti thina soneni ngempela, iphi le nkululeko eyalwelwa ngo-1994?

Kungani singakwazi ukuphumela obala ngoba sisaba ukufela ubala. Sivinjwa ngobumnyama sidlwengulwe ngoba nakhu sithandana nabantu abanobulili obufana nobethu. Sisaba ngisho ukukhuluma ngokukhululeka ngempilo esiyiphilayo ngoba sivikela izimpilo zethu.

Baphi omama abanothando kanye namadoda anonembeza abazoma nathi baphinde basihloniphe?

Nathi singama-LGBTI singabakaNkulunkulu, nguye kuphela owaziyo ngathi. Singathanda ukunakwa futhi nezwi lethu lizwakale. Kumanje asikwazi ukuhamba la sithanda khona ngoba sisaba ukubulawa.

#STOP_KILLING_LGBTI_PEOPLE

#STOP_KILLING_US

#KWANELE_MANJE

Ozithobayo,

LGBTI Asibambaneni

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...