Dear DJ Tira: "Ngidinwe ngibomvu ngimnyama nje"

2016-10-17 18:06

Dear DJ Tira,

Ngidinwe ngibomvu ngimnyama nje, siphuma kwimpelasonto, bengilalele iculo lakho leli olicula neBlack Motion neDrumetic Boyz, Sfuna Abo Chomi.

Leli culo lakho bengihlezi ngiliziba kodwa kule mpelasonto ngithe angithathe isikhathi sami, ngalilalela laze laphela, limnandi lona angifuni ukuqamba amanga.

Kodwa ke akuve lingidina, ngiyacabanga bakhona nabanye abazizwa njengami, wazise phela ngiyiDarky.

OLUNYE UDABA: Dear Mampintsha - Ohhe!

Eculweni uthi "sfuna abochomi abayellow, masfika siyakhanyisa", yazi lamazwi abuhlungu kanjani kimi, uyasicwasa nje kuleli culo, umthetho wakho ufuna ukuthini ngathi bomnyamana.

Kulo leli culo munye ulayini futhi akusiwo ngisho nolayini...uqhamuka usuthi "aphi amaDarky...aphi?" cishe seliyophela iculo.

Yabo nje leyonto iyangicasula....mahle kabi ama-Darky.

Ngiyazicelela ke mina ukuthi uqhamuke neculo elisha lamaDarky ukhohlwe oYellow Bone ngoba sekukhona nabokuzakhela, ngiyacabanga yibo laba abakudidisayo futhi iningi labo line-Far beauty.

Ibeat yeculo ayi uyishayile boy kodwa into ephuma emlonyeni (izinhlamvu zalo) kuyalimaza.

Awuhlanganise kuhlangane lova ujabulise thina; amaDarky, izindoni zamanzi, oDark beauty, thina esinobuhle obuzothile.

IVIDEO: (yeculo)

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...