BUKA: Sisashaqekile ngodaba lwentokazi eyavela kuNyan Nyan

2018-01-20 16:21

eThekwini -  Izwe lonke labamba ongezansi ngesiqephu sakuleli sonto sohlelo oluyintandokazi iNyan Nyan.

Kulesi siqephu, owesimame uyena ofuna ukuphumela obala ngamaqiniso ashaqisayo.

Ngokusho kwakhe, usothandweni lweminyaka engu-6 nesoka lakhe futhi banengane eneminyaka emithathu.

Inkinga enkulu wukuthi eminyakeni emithathu eyedlule waba nobudedengu bokuya ocansini nomngani wesoka, ngemuva kwalokho wathola ukuthi ukhulelwe.

Into efike yacasula ababukeli abaningi wukuthi, okokuqala walala nomngani wesoka ngaphandle kokuzivikela.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Usithathaphi isibindi sokubunyalala kubo kamfana izinsuku zilandelana?

Ngaphezu kwalokho walala nalo mngani endlini, isoka likhona (ngokusho kwakhe isoka lalidakwe kakhulu), ngale kwalokho, bavumelana nomngani ukuthi akatshele isoka ukuthi ingane eyalo.

Konke lokho kuvele kwabamangaza abantu, ukuthi sonke lesi sikhathi ubethuleleni ngendaba engaka.

Kushiye okokuthula, uwakhuluma kanjani amahlazo afana nalawo kumabonakude izwe lonke libuka?

Le ntokazi ithi ifuna ukuba ngunkosikazi wangomuso kuleli soka, kodwa kuzokwenzeka kanjalo lokho esemthele ngehlazo elingaka?

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...