BUKA: Kushiswe izimoto ezebiwe eMlazi kuvaleliswa isigebengu uChillies

2017-09-09 11:30

Durban - Kuthiwa ngoLwesihlanu kwebiwe indaba yezimoto ezindaweni ezahlukene eThekwini zayoshiswa elokishini laseMlazi.

Lokhu kulandela imibiko eyayikhishwa ezinkundleni zokuxhumana okuthiwa yenziwa ngabangani bakaSandile “Chillies” Bhengu, abathi bazokweba bashise izimoto ngaphambi komngcwabo wakhe.

Yize amaphoyisa ayekhuza abantu ngokuthi bangakhonzi ubugebengu nezinto ezifakwa ezinkundleni zokuxhumana kubonakala izigebengu zishaya izidudla ngezimoto zazo.

UBhengu, 36, wadutshulwa wabulawa ngesonto eledlule ngesikhathi ebanjwa ngamaphoyisa ekhipha i-tracker emotweni etshontshiwe.

OLUNYE UDABA:'Kuzokwebiwa' izimoto kuvaleliswa isigebengu esibulawe ngamaphoyisa

NgoLwesihlanu ebusuku, uLee Maharaj ukuqinisekisile ukwebiwa kweveni likamalume wakhe kanye neToyota Corolla yomngani wakhe eChatsworth ezitholakale zishisiwe eMlazi.

"Umalume wami ubepake emgwaqeni eSilverglen emini, wabuya ngemuva kwemizuzu engu-45 imoto yakhe ingasekho. Umngani wami yena uthi imoto yakhe ithathwe epake ePick n Pay eChatsworth. Zombili zotholakale eMlazi zingamalahle,” kusho uMaharaj. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...