BUKA: Amaphoyisa ahlome ayizingovolo emngcwabeni kaChillies

2017-09-09 11:30

Usuqalile umngwabo kaSandile "Chillies" Bengu elokishini laseMlazi eThekwini kanti kutshalwe inqwaba yamaphoyisa aqaphe isimo.

Amaphoyisa azoqinisa ezokuphepha kule ndawo ukuqinisekisa ukuthi abekho abaphula umthetho nabenza okuphuma endleleni.

UChillies,37, obehlala eMlazi kwa-F, ushonele esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial ngemuva kokudutshulwa ngamaphoyisa ngoLwesithathu ebusuku esigcemeni sakwa-B kulo leli lokishi.

Lo mlisa waphuthuyinswa ngabangani bakhe esibhedlela nokwavela ngokuhamba kwesikhathi ukuthi waduthshulwa engahlomile.

OLUNYE UDABA:'Kuzokwebiwa' izimoto kuvaleliswa isigebengu esibulawe ngamaphoyisa

Omunye wabasondelene naye ocele ukuba igama lakhe ligodlwe uveze ukuthi uBhengu ubanjwe ngamaphoyisa ezama ukukhipha i-tracker emotweni ebiyebiwe.

“Kunamajita amabili acele ukuthi awakhiphele i-tracker emotweni entshontshiwe. Kuqhamuke amaphoyisa uChillies esematasa, adubula ebhekise kuye. Kuthiwa bamdubule esephakamise izandla, ezinikela.

Ngemuva kokumdubula ahlale naye isikhathi eside esanyakaza elinde i-ambulensi. Kuze kwafika abangani bakhe bamthatha ngenkani ekakwe ngamaphoyisa, bamphuthumisa esibhedlela. Ufike washonela esibhedlela,” kusho umthombo.

<p>

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...