INGOSI: 'Babengihleka bebuka isimo engikhula ngaphansi kwaso'

2017-02-22 16:02

Durban - Ukukhula emndenini owawuswele akungivimbanga ekutheni nglandele amaphupho ami engangiwaphupha kubo lobo bumnyama, kuchaza uLungile Dube.

Ngingusomabhizinisi osathuthuka ongumphathi wabaculi beGospel abasathuthuka kanti nginomlando obuyisa ithemba ngempilo yami.

Nginenkampani ebizwa ngokuthi yi-Think Fresh Consulting enabaculi asebeke bahlabana ngezindondo ezahlukene.

Ngikhumbula ngisemncane, uma ngixoxa nabangani bami ngekusasa lami nothando enginalo ngengikufisayo bangihleke ngoba bebuka isimo engangikhula ngaphansi kwaso.

OLUNYE UDABA: Kuhlomule abafundi baseMlazi ngeminikelo

Sasithathwa njengomndeni oswele, uma siyocela komakhelwane basidabukele kwesinye isikhathi basiphe.

Sasithathwa njengabantu abangenabani yize ubaba ekhona kodwa wayengenalo usizo ngoba wayebheke nenselelo yophuzo oludakayo.

Ngithanda ukugqugquzela abantu ukuthi kuhle ukuphupha, akudingi mali futhi ukufezekisa iphupho lakho. Kudinga wena nezenzo zakho eziphusile nje kuphela.

Ngizama ukuthi ungaphonsi ithawula ngephupho onalo, usangakwenza kwenzeke, ungakabi namali okwamanje.

Okwakho nje ukuthi uzenzele, usukume, ucabange, uhlele uphinde ubuze.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Cool. Pta: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...