Ziyazwakala izigi zikaMagebhula - Umbono
2012-11-26 15:54
Cape Town - Kungokokuqala ngqa kusukela kuqale isizini ukuthi umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter, aphumele obala athi unokukhathazeka.
Uthi akakhululekile njengoba izimbangi ezinkulu zeziMpofana, okuyi-Orlando Pirates, zisalele emuva ngephuzu elilodwa kuphela.
Sibuze abafundi beziNdaba News24 ukuthi ngabe lokhu kusho ukuthi uBaxter useyazizwa izigi zikaMagebhula?
Abanye babo baphendule kanje:
U-Andile Dube Thabany uthe: Iphoyinti abasele ngalo emuva angeke balicoshe phansi, kofanele bashaye iqembu elithile bese belithola....Rise Khosi Rise......nangu uYeye.
UPinky Mthembu uthe: Kwamina ngingumlandeli weziMpofana angikhululekile.
UMuzisto Sthole Mondise uthe: Zizwakala kahle nje izigi zendoda emnyama, ngisho ungabuza bona abeChiefs bayazi nabo.
UMesuli Mayor Mthembu uthe: Ngilokhu ngishilo, uma ungaya eNaturena namanje abanye baphethwe yizisu, abanye bayamfoma umjuluko baphupha ngelanga elikhulu.
Thina sisacabanga uhambo oluya eCape Town, ayeza amaBhakabhaka.
USiphamandla Manzini uthe: Yebo iPirates isefomini enhle kodwa kuningi okungenzeka, kunekhefu elide elizayo elinomthelela emaqenjini okwesibili isazodlala kweyase-Africa, nakho okungabakhathaza abadlali.
Luselude ukhalo.
UThandokuhle Miya uthe: Cha, iBhakabhaka isasefomini futhi inabadlali abahle, akufani bathi kuMotaung, okuthi uma kungekho omunye bese kubanjwa kuyekwa.
Konakele, nokho iBhakabhaka nayo isazoba senkingeni ngenxa yemidlalo yase-Afrika.
Uthini wena njengomthandi webhola?
Thumela umbono wakho ku-isizulu@news24.com
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News 24