Ziyabadina iziKhothane - Umbono

2012-08-03 16:13

Cape Town - UKamohelo Tsimane, 14, waseSoweto, uzibulele ngemuva kokuthi ubaba wakhe enqabe ukumthengela izicathulo zeCarvela.

Umfana ubeyingxenye yabamaqembu azibiza ngeZikhothane, okungamaqembu oswenka.
 
Abafundi beZindaba News24 babeka imibono yabo ngalolu hlobo lwezincwasimende.

UThembisile Maqhishila
uthe: Ngakithi ayikho lento yezikhothane, akahambe uma ebone kwiyindlela elula lena.

Uzongcwatshwa kudlule lo baba akanasono, kumele izingane sizifundise ukwanela zisencane.

UKhanyisile KI Mtshali uthe: Angikaze nakanye ngisibone iikhathana ngakithi.

UNana Miya
uthe: Indaba yezikhothana wubulima obuphindiwe.

UPhilile Mhlongo Nqobile uthe: Ngakithi azikho izikhothane, futhi ngiyajabula ngoba ziyabhedla.

UNtwana Eenboom uthe: Mina ngizwela abazali bakamufi.

UBukelani Mbulazi OMnyama uthe: Izikhothane yizisebenzi zikaSathane, akekho umuntu ongathenga ifoni bese eysihisa noma ashise imali.

Aasebenzi futhi akwaziwa ukuthi bayithathaphi imali abadlala ngayo.

U-Owen Hadebe
uthe: Ijulile indaba yezikhothana, idinga abazali abaneso lika"moya" abakwazi ukubona izinto ezicashile.

UNkanyiso Masoka uthe: Ngakithi kukhona izinsizwa ezizithandayo kodwa azizibulali.

UPhilane Malinga uthe: Abantwana badidwa wukukbusa, ngizobasola nabazali ngokuthengela izingane izinto ezibizayo, kumele izingane zifundiswe ukuthi into enhle iyasetshenzelwa.

UNelisiwe Zinhle Msomi
uthe: Lezi zikhothane ndini zizenza abantu abanemali zibe zingenayo.

Bahlukumeza abazali befuna izinto ngenkani bazi kahle ukuthi akumiwe kahle emakhaya, baphinde bathathe zona lezi zimpahla ezibizayo bazidabule.

Yinto nje engenamqondo engabe baya ezikoleni bafunde ukuzimela.


UMathaks Ledula Sishi
uthe: Umkhuleko kuphela ozosiza ngalesi sikhathi esikuso, usungaze ufele iCarvela!!

UXolani Sydney Dludla uthe: Wenze kahle wazibulala vele ubengento yalutho, uyangicasula udengaze azibulale icathulo.

Ukube umuntu uyayekwa adliwe yizinja naye bekuzomele anikelwe kuzo.


U- Idah Zinzi uthe: Laba bantwana baphethwe wukusa nje qha, bakhona nangapha eMpumalanga.

Ngalendlela abahlekisa ngayo banetekisi yabo ebathuthayo.


USan'za Ice
uthe: Iyagula le ngane ezibulele, akabacabangeli abazali bakhe njengoba esebafake ezindlekweni ezinjena.

UMandla Zondwa Ndzondza uthe: Wenze kahle kakhulu, akufuneki namaphoyisa alokhu ehlupha ubaba ngemibuzo.

UNelly Mamboh Mbokazi uthe: Bengizomngenela ngenduku khona esefile ngimubhaxabulele ukuzibulalela into engekho.

US'phelele Khumalo Peni
uthe: Uyasangana lo mfana...kodwa nokho yinhle iCarvela.

UThobile Khumalo uthe: Wenze kahle umfana wazibulala wangabulala uyise.

UMshane Ngubane
uthe: Akafe vele izikhothane azidingeki emphakathini.

UMfanafuthi Mbele uthe:  Isangene le ngane, kwangathi isizile yasheshe yathatha l endlela,  ibisazomosha kakhulu.


 

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Showery. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-24°C Heavy rain. Broken clouds. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...