Zishayise ngomoya uma nixabana - Umbono

2012-12-12 16:24
Yabelani Shicilela

Cape Town - Usuku nosuku kuzwakaka ngezigameko zokubulawa kwabesifazane bebulawa ngamasoka abo.

Abaningi uma bequla amacala bakhala ngentukuthelo, nokuhluleka ukuzilawula.

Abafundi beZindaba News24 bathi oungenani kungxinouphume umshiye umuntu uma nixabana, kuze uzogwema ukwenza izinto ongase uzisole ngazo.

UMagama Enhliziyo Mhlosinga Msweli uthe: Kungcono uma nixabana noma nithukuthelene uvele uphume umshiye yedwa owakwakho wehlise igwebu uze ubuye selehlile ze kugwemeke ingozi.

USboh Ndlovu uthe: Uma uthukuthele phuma ushawe umoya ubuye usubohile,  usukhuluma njengomuntu ophusile.

Ukudinwa akusizi ngalutho, kufanele ua unguuntu uzifundise ukwehlisa umoya.

U-Idunalikagogo Iduna uthe: Kumele uma udiniweusuitshele isithandwa sakho, nikhulume ngalokho ngoba uma kungalungiswa kungase kwakhele kugcine kunamagqubu.

USombese Mahlaba
uthe:  Uma ungena ebudlelwaneni kumele ube nesikhala sokuphoxeka ungahlale ulindele okuhle kuphela.

Uma ucasuka ungasheshe uthathe isinqumo., uma kukhona okusola kumuntu wakho,  ungafisi ukumbamba kodwa zama ukwehlisa kancane kancane uthando.

Kumele sifunde ukwamukela.


UMabhiza Mshengu uthe: Umasixabana ngiyathula ngivele ngibuke i-tv ngimyeke aze aphole.

Uma kungenjalo ngiyamshiya ngihambe ngibuye ulaka selwehlile, akukuhle ukushaya umfazi ikakhulukazi uma esekhala kuyadabukisa impela, kodwa-ke nabo mabatho0bele amadoda abo yikhona ezokwazi ukubathanda ngokuphelele.

USithole Ashford B uthe: Uma thina  sixabana ngiyamushiya ngiye endaweni yokucima ukoma ngibuye ulaka selwehlile.

UNomsa Ellen uthe: Abafazi kumele bayeke ukwedelela bethembe amaphoyisa.

USakhile Zondo
uthe: Mina uma isithandwa sami singthukuthelisa ngyaphuma endlini ngihambe ngike ngizishayise ngomoya.

UPhumlani Miya uthe: Isiyalo enginaso wukuthi aAbesfazane kumele  bayeke ukudlisa amadoda bese bayawashintshela uma bengasawathandi.




Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-21°C High level clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 14-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...