Ziqinisile izinkanyezi - Umbono
2012-11-15 16:24
Cape Town - Lena yinyanga yabantu ababizwa ngamaScorpio. Lolu hlobo lwabantu kuthiwa bangabaholi bokuzalwa, bayazi kahle into abayifunayo, banakho ukuba nezimfihlo noma ukungathandi ukukhulumela futhi, nokho bawuhlobo “oluqaqekile”.
AmaScorpio kuthiwa kuyabonakala uma esefikile, amadoda azalwa ngalesi sikhathi kuthiwa ayathanda ukuvikela abesifazane athandana nabo. Hhayi-ke ocansini kuthiwa amaScorpio angompetha.
Abafundi abaningi bathi lokhu kuyiqiniso elimsulwa nelingephikiswe.
UPrincess Nhlah uthe: Yiqiniso leli, akuzalwa mina kodwa udadewethu mina ngimthatha njengendoda ekhaya, wenza izinto zenzeke noma enenhliziyo encane ubuye angafuni ukukhuluma mayediniwe kodwa unothando futhi uyakwazi ukubekezela.
Ezintweni yena asadlula kuzo mina ngabe ngazibulala kodwa yena uyakhala kuthi kusa ngakusasa useyahleka futhi.
USizakele Tshabalala uthe: Ngivame kakhulu ukuthandana nalolu hlobo lwabntu, bayathanda ukujula kakhulu, okukhulunywa ngabo kuyiqiniso.
ULindiwe Lynette Dlamini uthe: Ngiyabadabukela abantu abangasiwo ama-scorpio.
Uma sengifikile kuyacaca.
UNcengiwe Xoliswa uthe: Iqiniso lelo, ukujula ngezinto eziyaphambili yinto engiyenzayo, siwuhlobo lwabantu abangenaso isikhathi sezinto ezingaphusile kahle
Ngempela singamaqhawe okuzalwa, woola bofezela woooola!
UNtobeko Hlatshwayo uthe: Impela nami ngiyiso i-scorpio, ngithembekile, ngayalwazi udaba lwami nginjalo angibhedelwa. Lokhu okushiwo ngathi kuyikho impela.
Ngokwakho ngabe kuyiqiniso kangakanani lokhu, ukhona mhlampe omaziyi oyi-scorpio?
Ngabe uyilokhu okuchazwayo ngaye, yini enye ongasitshela yona ngabantu abazalwa ngale nyanga?
Sazise ku-isizulu@news24.com
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24