Ziningi izinkinga ngamanzi - Umbono

2012-10-10 16:38

Cape Town - UNgqongqoshe woMnyango wezaManzi uJohan van Rooyen uthe abahlali edolobheni laseThekwini naseKapa bangase bazithole besebenzisa amanzi aseke asetshenziswa, asephuma ezitamukokweni.

Amanzi azohlanzwa kabusha bese ephinda esetshenziswa, lokhu kungexa yokushoda kakhulu kwawo.

Abafundi bathi kuningi okonakale ngamanzi, bathi abantu qobo kanjalo nomasipal akumele bazinuke amakhwapha.

U-Amina Chowdhury uthe: Abantu mabafunde ukuvalisisa ompompi.

USandile Devlenkunz Cebekhulu uthe: Seziningi kakhulu izindawo ekuwashwa kuzo izimoto, lokho kuyawaxhaphaza amanzi.

UMfundiso Adolph TheProsperous Sithole uthe: Abantu abayiqondi inking ayokushoda kwamanzi, ompompi abasezindaweni zomphakathi bahlale bexhaxhaza.

USelby Shongwe uthe: Abantu abazinuke amakhwapha, ezindaweni eziyimijondolo amapayipi amanzi ayazivuzela nje akukho muntu owanakile nonendaba yawo.

Akulungiswe imijondolo ukuze komgeke amanzi.

UMakhosi Dlamini Sbalkhulu uthe: Ngibona ukuhti omasipala bethu yibona abangakwazi ukuhlela kahle izinto, imvula ayikaze inqamuke ukuna.

UMkhomby Zungu uthe: Kulula kabi ukuthi kongeke amanzi, uhulumeni akakhele abantu izindlu bese kuphela amaxhaphozi lawa atholakala kuyona yonke imigwaqo.

UVuyisile Nhlabathi uthe: Aybo! Akuzanywe eminye imizamo, sekungaze kudliswe abantu amanyala.

USkhumbuzo Brian
uthe:  Kubalulekile ukonga amanzi abantu bangaze badle amanzi angalungile.

UMbongie S'khumbuzo Mthembu
uthe: Inkinga wukuthi uhulumeni la manzi uzowayisa emalokishinikupehla, akahlanze amanzi olwandle.

ULindo Major Langa uthe: Ngeke angashodi amanzi kukhona abawagcwalise kuma-swimming pool.



Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Imaphi?

2014-10-20 15:07
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 11-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...