Yizo lezi izikhathi zokugcina - Umbono

2013-01-18 16:07

Cape  Town - Lukhulu luyeza luyanyelela uma iNingizimu Afrika ingayeki umkhuba wayo wokuthumba abantu, ukubabulala bacwiywe izicubu zabo kuphinde kuhlukunyezwe nezingane.


Lawa ngamazwi omprofethi uBonginkosi Mnukwa, owabe ekhuleka nontamolukhuni u-Eugene Terre'Blanche namanye amalungu e-AWB, ngenhloso yokuthi baguqule ukuphila kwabo.

Umnukwa uthi uMoya oyiNgcwele umtshele ukuthi akakhulume nabantu bayeke imikhuba yabo emimbi. Uthi uyafisa abantu bangakuthathi kancane lokhu akushoyo, kungenjalo kunesiqalekiso esizokwehlela izwe.

Sibuze abafundi neZindaba News24 imibono yabo ngokusho komphrofethi kanjalo nangalokho abakholwa ukuthi kungenziwa ukuzam ukuhlenga izwe.

Babeke kanje:

UFezifiso Neh Thusini uthe: Okokuqala nje akuhlonishwanwe ezweni, izingane zazise abantu abadala kunciphe nalokhu kuqoma kwengane zincane ngoba engekho ozozitshela zithi zivunwa amalungelo.

Akuyekwe ukuvumela abantu bokufika ukuthi bangene kalula kuleli, ekubeni  bengaziwa ukuthi bazokwenzani.


UMavis Ka Buleni Zulu
uthe: Mina ngithi izwe lethu uma lingase lishintshe le mithetho: Ukuhushulwa kwezisu, ukushadana kwabantu ababulili bunye, ukudayiswa kwemizimba, bese kuyekwa ukuthakatha.

Asibuyele kuNkulunkulu, uyakuba nomusa kithi njengezwe.

ULuzuko Tshingana
uthe: Lokhu okushiwo nguMnukwa kuyiqiniso, abantu kumele baphaphame.

Kakade izwe lethu liqalekisiwe, abaholi babeka uNkulunkulu ngemuva, yiloyo naloyo akathandaze acele intethelelo alwele insindiso yakhe.

Izinto zisazokuba nzima kakhulu.


UNkosinathi Ngwane uthe: IBhayibheli likubeke ngokusobala ukuthi izikhathi zokugcina zoba njengalezi esiphila kuzona.

Kuyokwanda ububi, ngenxa yomoya wesikhathi osebenza kubantu, ayikho into entsha nethusayo, ngaphandle kokubulawa kwabantu.

Ziningi izinto ezenziwayo ezingamahlazo nokungcola, ezinye ziyizimfihlo. IBhayibheli lasixwayisa ngalesi siskhathi.

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...