Yiba ubusika nehlobo endodeni

2014-05-19 15:17
Ntombizenele Mtshali

Ntombizenele Mtshali

Cape Town - Ayikho indaba enginenga emoyeni njengalena yabantu abathi sekuzoshelwa izidudla ngoba nakhu sekungene ubusika!

Abantu abasasho njalo yilaba abangazi lutho ngocansi nangothando, kuphela nje abaphethwe ukuphapha bokungakhuli ngokwanele.

Igenge le engangathi, le evamile vele ukuhlala nezithandwa zayo, yazi kahle ukuthi awukho umzuzu ongesiwo owocansi.

Kubalulekile ukuthi uzifundise ukuba yingubo enamehlo uma kubanda kuthi uma kushisa uphinde ube umthokozisi wenhliziyo yesithandwa sakho, usinike ukuthula, phezu kokuthula usenze sibe nokukulangazelela, ukushisa kungangeni phakathi kwenu.

Abantu abayoqondisisayo inkonzo yasekamelweni bayazi ukuthi uma lishisa likhipha umkhovu etsheni, yila sithanda khona impela ukwenza ucansi, sijatshuliswa ukubhanqana kwemizimba sekunezezela umjuluko.

Sakhula kuthiwa iva likhishwa ngelinye iva, uma kushisa, ukushisa sikukhipha ngokushisa.

Uma kubanda kwanda imikhuhlane abantu bagodole, isitolo siba kude ekuthengeni izinto ezizoshukumisa igazi.

Kakade sikuphi-ke pho isidingo sokuyothenga izishukumisi ngibe ngihlala ne-heater ekwazi ukunginyusela i-temperature ngomzuzwana ngizisondeze eduze kwayo?

Namanje ngisazama khona ukuveza ukuthi wonke umzuzu wumzuzu wocansi uma uhlala nomuntu omuzwa kahle.

Mantombazane, ningathi uma nishiywa amadoda ebusika bese nicabanga ukuthi yingoba isithole isidudla esingcono kunawe. Indoda ehambayo ibivele izohamba ngisho ngabe bekuyiyiphi i-season.

Wena ekufanele kukubuse kube yikona okulwelayo empilweni, ukuba ubusika nehlobo endodeni yakho.

Zincane izinto ezinenga amadoda, zincane futhi neziwakitazayo, yazi indoda yakho bese wenza lokhu okuyijabulisayo.

Ngaleyo ndlela uyoba yi-all seasons.


"Like" i page lami kuFacebook, igama Ntombizenele Mtshali, singaxhumana naku-zanelewakwamtshali@gmail.com

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Phawula kulolu daba
6 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...