Wenze kahle uMotlanthe - Umbono

2012-12-13 16:35

Cape Town - Imithombo eyethembekile ithi iPhini likaMengameli uKgalema Motlanthe utshele iKhomishana yoKhetho ukuthi uzoncintisana noMengameli uJacob Zuma, kwesobengameli enkomfeni yeqembu eMangaung.

Ukwamukela kukaKgalema Motlanthe ukungenela umjaho angeke kusayishintsha imiphumela yokuthi ngubani uzophuma phambili, kusho umhlaziyi wezepolitiki uSteven Friedman.

Abafundi baphawula ngesinqumosika Motlanthe.

UKenneth Ngcobo uthe: Mina ngisasho namanje kukhona ukuzokwenzeka emuva kweMangaung.

Uma uyilalela ipolitiki kaMotlanthe,  usevamise ukukhuluma njengeqembu eliphikisayo hhayi njengomuntu ongaphakathi embuthweni.

Ngisho incwadi yakhe yakamuva uboke uyihlaziye kahle izokunika impendulo ukuthi kukhona ukunuka santungwana la kuyena.

USiphamandla Manzini
uthe: Wenze kahle uMotlante waphumela obala.

Nokho-ke sekunzima ukumethemba kimina ngoba bathatha izinqumo njengesigungu esiphezulu enhlanganweni, yena aphume ayosigxeka kwabezindaba – isibonelo kwaba wukuxoshwa kukaMalema.

USphamandla Mthethwa Spice
uthe: Ngokwami le ndoda alikho iphutha elenzile ngokwenqubo kaKhongolose.

Vele bekumele alinde iKhomishana yokhetho, wenze kahle wathula.

Bakhona vele ebebengathanda ukumbona kwabezindaba ehambe ezenza ngcono futhi ezenza umuntu okulungele ukukhethwa.

Noma-ke kunjalo seseka uZuma!


UMb Ng uthe: Uzigwaze ngowakhe uMotlanthe ngokungaphumeli obala isikhathi sisakhna.

Abantu sebelahle ithemba ngaye,  wayesabheka ukuthi inone ngaphi  kanti kuzomshiyisa ngaphandle lokho.

UPakamoney Khanyile uthe: Kungumqgondo ophusile, kuhle phela ukuthi kubonakale intando yeningi.

Singabantu asiboni ngendlela efanayo, uma uZuma ezowina ngaphandle kwembangi, abanye ngeke bekubone kahle Lokho.

UNtuthuko Richard Davids
uthe: Wenze kahle walungenela ukhetho uMotlante, ukuze uZuma ezowina ngokucacile.

 



Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...