Wenza umyalelo kaJesu uMandela

2012-07-18 10:04

Cape Town - Kunesisho samaRoma esithi uma useRoma yenza njengoba kwenza amaRoma, lokho kusho ukuthi ingathi uyisihambi bese uba mude ushaye imithetho.

Nami ngokukholwa wukuthi ngingumhambi emhlabeni, futhi ngikhethiwe ukuthi ngibe seNingizimi Afrika, ngabe angibenzi ubulungiswa uma ngingase ngingenzisi okwabaningi bakuleli ngibungaze usuku lokuzalwa lukababa uNelson Mandela.

Angisiso neze isishoshovu sezombusazwe noma isishoshovu nje sokuthile, nokho ngokubona ilukuluku labaningi kanjalo nokufunda imibhalo nami ngizithole ngithinteka ngabona ngimelwe wukuthi ngithi 'ngiyabonga Tata Mandela'.

UMandela njengabaningi naye wayengakweleti muntu inkululeko, ngalokho wayengakwazi ukuthi athalalise asonge izandla alindele ukuthi bakhona abanye abazosukuma balwele inkululeko yeNingizimu Afrika.

Kodwa-ke uma uzalwe nenhliziyo yobuholi nobuqhawe, ngiyacabanga akubi lula ukuhlala ubukele ube ubona izinto zonakala.

Uthando nobuqhawe uMandela aba nakho yikona okwamenza wasukuma walwa.

Mina ngokwami angilwazi ubandlululo, angikaze nakanye ngizithole nginyamanambana ngoba nakhu ngimnyama, ngalokho ngiyacabanga ngifanelwe wukuthi ngithi ‘ngiyabonga’ kubantu abenze isimo saba yilokhu esiyikho manje.

Abazali bami bakwazi ukungiyisa ezikoleni ezingcono, ngikhule ngikwazi ukudlala nezingane zazo zonke izinhlanga, lokhu abantu abazalwe ngaphambidlana kwami abakwazi.

Nanamuhla ngikwazi ukubuka umlungu emehlweni ngisho lokho engifuna ukukusho ngaphandle kokusaba ukuthi kuzothiwa kukhona itulo esiphezu kwalo noma ngisabe ukuthi umlungu ungcono kunami.

Cha angisho ukuthi bekungakuhle konke ngikhula, phambilini ngake ngambona ubaba ongizalayo eshaqwa ngamaphoyisa, eboshelwa into engatheni.

Nokho ukungagqami kukababa wami ekulweleni inkululeko noma ekubeni yisisulu sobandlululo angikuboni kunginika igunya noma isizathu esiphelele ukuthi ngingaqhakambisi umengameli wethu wokuqala wentando yeningi.

Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule saba nokudideka ngesikhathi sibona ummeli we-ANC uGcina Malindi ekhihla isililo eNkantolo eNKulu eGoli.

Abantu abaphawula bathi uMalindi ukhaliswa yiminjunju yangesikhathi sikahulumeni wobandlululo.

Ziningi izinto namanje ezithi uma zenzeka kuvuke izinseka, njalo uma ngibona ezinye zalezi zigameko ngiba namahloni ngidabukele izishoshovu ezazidela zithi zilwela inkululelko, ngidabukela kakhulu imindeni yalabo abasala empini.

Impela uma ngingase ngithi anginandaba nabaholi abangaphambi kwami abangilwela, balwela nezwe lonke ngabe angifanelwe wukubizwa ngowesifazane, phela umuntu wesifazane udalelwe ukuba nozwelo nokunakekela.

Uzwelo nokunakekela nothando ngamagama angasali ngaphandle uma kuchazwa uMadiba, lokho kumele kuhlale obala kunoma ngubani ohlaziya izinto.

OkaMadiba wanqaba nezwe noma esevalelwe ekhoneni, angilazi namanje ilukuluku elabe limphusha, angisazi futhi nesibindi esingaka ukuthi sabe sinqamuka kuphi.

Angeke ngihlale iminyaka engu-27 ejele kuze ngizokhombisa ukuthi ngiyikhathalele iNingizimu Afrika, kodwa engingakwenza wukuba ngowesifazane umndeni kanjalo nabangaziyo abangaziqhenya ngaye.

Mhlampe uma loyo naloyo kithi sonke engase aphume ekhosombaneni azivalele kulo azame ukubona umhlaba nezwe lethu kangconywana, kukhona esingakuzuza.

Uma uqhathanisa iNingizimu Afrika namanye amazwe amaningi ezwenikazi, nakanjani uyawubonakala umehluko.

Abantu bakhala ngokungabikhona kwamathuba omsebenzi, ukugcwala kwabantu bokufika kanjalo nokungalingani kwethu ezimalini, ngiyavuma, yebo, kukhona okusamele kulungiswe, kodwa ake nje sizinike umzuzwana sibone izwe lethu ukuthi lingcono kangakanani uma liqhathaniswa namanye amazwe.

Encwadini kaJohane 15:13 uJesu watshela abafundi bakhe ukuthi uthando olukhulu ongalukhombisa, kubantu elokunikela ngempilo yakho.

UMandela wanikela ngempilo yakhe, ngiyacabanga wakhombisa uthando olwanele kimi.

Ayikho into enginayo engingayinika uTata, kodwa ngiyazi kungamthokozisa ukungibona mina nabantu bonke siqhubeka senza leli lizwe izwe elingcono.

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

Singaxhumana ku-Ntombizenele Mtshali noma ku-zanelewakwamtshali@gmail.com

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

 


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-27°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...