Uzobulalisa abantu uFacebook - Umbono
2012-09-25 14:29
Cape Town - Izikhulu zeFacebook ziyaphika ukuthi kwenzeke iphutha
kwaputshuka imilayezo (inbox) yabantu yabhaleka obala, la kungabona khona wonke
umuntu.
Abafundi bathi uma kuyiqiniso ukuthi kunokwenzeka kuputshule imilayezo yabantu
lokho kungachitha imizi yabantu kubulalise nabanye.
UPetronella Phaka uthe: Into ezokwenzeka wukuthi kuzophela imizi yabantu, thethelela Nkosi.
USthandiwe Mthethwa uthe: Sikhuluma ne sengicishe konke okuyimilayezo enginakho ngenxa yawo lawo mahlebezi, nokho angikaze ngibone milayezo yamuntu eyimfihlo.
UMazwi H Masikane uthe: Ngiyasola kuzochitheka imizi yabanye abantu.
UNhlanhla Msizazwe uthe: Lokho kumele kugwenywe ngokukhulu ukushesha ngoba kuzofa inqwaba yabantu.
UNozipho Priscillia uthe:
Uma lokhu kuyiqiniso lingaduma lihambe nabantu.UQiniso Ngubane Somnandi uthe:
Into ezokwenzeka wukuthi soshawa abafazi.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24