Uyinkinga uJanuwari - Imibono yabafundi

2013-02-01 16:19

Cape Town - Inyanga kaJanuwari yinyanga abaningi abakhala ngokuthi ibadonsisa kanzima kwezezimali, le nyanga abanye baze beyiphe amagama angemahle kanti babodwa nabathi sengathi inezinsuku ezengeziwe kunezinye izinyanga.

Abafundi basho ukuthi inyanga ibaphathe kanjani kanti ngale kwalokho ungakugwema kanjani ukuthwaliswa yiyo kanzima.

UThokozan Mthembu Mbuso uthe: Impela yona inyanga ayingiphathanga kahle, idonse kakhulu, asethembe uFebhuwari uzoba ngcono.

ULuzuko Tshingana
uthe: Inyanga kaJanuwari ihlale inzima, kumele umuntu azifundise ukuthi angamoshi kakhulu imali ngoDisemba, ayiphathani neze kahle inyanga kaJanuwari.

ULucky Sabata uthe: Singabantu kumele sihlale sizifundisa ukungamoshi kakhulu imali, sithenga izitno ezingenasidingo.

USkhumbuzo Ndebele uthe: Kumina ayizange yaba nzima ngoba ngahlala phansi ngabala izidingo zami zonke, nezikaJanuwari.

Ngazilungiselela kusenesikhathi, namanje iphele nje inyanga ngingenankinga nencane.

UXolani Rasmeni
uthe: Le nyanga yanginika inkinga ngonyaka ka-2000, ngemuva kwalokho ngazitshela ukuthi  ngizodlala isitokofela esihlukanisa ekuqaleni kukajanuwari, lokho kwangisiza kakhulu.

USombese Mahlaba uthe: Bekungafanani kimi, ngaqala ukuhlela ngoNovemba.


 

 

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Showers early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 18-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...