Uyibekile induku ebandla Chincha Madigage - Umbono
2012-10-19 16:26
Cape Town - AbeZindaba News24 bathi dudu emndenini womsizi womqeqeshi weBafana Bafana, uThomas Madigage, odlule emhlabeni ngoLwesihlanu ekuseni, ngesikhathi ihlangabezana nengozi yemoto emgwaqeni eLimpopo.
Abafundi baduduza umndeni baphinde bakhumbule uChincha Guluva ngezikhathi zakhe.
UBong'nkosi Bhula Sangoma Ndlovu uthe: Uphumule kahle Thomas
Madigage, kuningi esokukhumbula ngawe, ikakhulukazi umsebenzi wakho
emaqenjini ebhola ubumuhle kakhulu.
Lonke iqembu obufika kulo beliphumelela, ngisho nakuBafana Bafana ufike wenza okuhle, ulale ngokuthula, sizokukhumbula.
UGcina Ndlovu Mbila uthe: Wake wajika uNeil tovey waze waguqa ngamadolo, wamjika waqede washaya igoli kowamanqamu weBobsave Superbolw.
IKaizer Chiefs yashaywa ngo 2-1.
UZandisile Manqoba Sigwebela uthe: Ngikhumbula ukuthoba kwakhe, usebenze kakhlu ebholeni laseNingizimu Afrika.
USimtho Alex Chagi uthe: Uzokhumbuleka ngesigqoko sakhe saseZCC, lala ngoxolo Madigage.
UMnqobi Mngadi Ka-Manqele uthe: Ulale ngoxolo Thomas.
UPhumlani Zibani uthe: Zibuhlungu kakhulu lezi zindaba, ubethobile futhi ulisebenzele ibhola lakuleli.
Uphumule ngokuthula Madigage, uyibekile induku ebandla.
ULuzuko Tshingana uthe: Ngizokhumbula indlela akade ejabula ngayo uma kunqoba iSupersport United, ejabula noPitso Mosimane.
Ngizkhumbula nangezikhathi egijima noGavin Hunt bejabula, aze akhumule ikepisi lakhe aligqokise uHunt, ulale kahle Madigage.
UMandla Kweyama uthe: Umndeni wakhe mawulale ngenxeba noma kunzima ukuhamba komuntu kade nimgcine ephila saka.
Nazi ukuthi anilahlekelwe nodwa kodwa izwe lonke lilahlekelwe.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24