Uyasiqola uhulumeni ngama-etolls - Umbono
2012-12-14 14:16
Cape Town - Konke sekumi ngomumo ngohlelo lwe-etolling emigwaqeni yaseGauteng,
kulandela ukuthi iNkantolo eNkulu ePitoli ichithe isicelo sezihlangano
eziphikisayo ebezifuna luvalwe lolu hlelo.
Abafundi baphula ngesinqumo senkantolo.
USpha Mtshali uthe: Lubuhlungu lona lolu daba lwama-etoll ngoba luzosophuca le mali encane esinayo.
Lo hulumeni ophethe awumele abantu kodwa ungundlovu kayiphikiswa, okubuhlungu basozomvotele kakhulu abantu ngoba abazi lutho.
UMenzi Xolo Mfeka uthe: Mina ngibona ukuthi sekufana nokubhonga emsanini la.
Ayikho into esazojika, ubani ongamelana nohulumeni? Akuyekwe zilime ziyetsheni.
UMthoh Jeza uthe: Ngibona kuyinto eyahlelwa kudala le nto yalama-e-toll inkantolo yenze okuyikho ngoba lokhu kuzogwema izingozi emgwaqeni.
UNtando Khuzwayo uthe: Ayikhokhwe lemali. Mina ngisahlala eGoli kwakuhlale kuthiwa kumele kulungiswe imigwaqo.
Isilungisiwe manje, abantu abakumele lokho.
UCindy Mthembu uthe: Angivumelani nama-etolls.
Uphethiloli uyabiza, izimotto ngoklwazo ziyabiza, ukudla kusemanini eliphezulu kuwo lomzuzu amaholo mancane.
UGift Mtshali uthe: Uhulumeni useyasiqola manje, uphethiloli uyabiza kwawona.
Kunzima ngempela eGoli.
UMzodwa Spha Ntuli uthe: Kuyacaca phela ukuthi inkantolo inika uhulumeni imvume yokuba sikhuthuzwe ngama-etolls.
UMncedi Mayekiso uthe: Uhulumeni wethi akafuni ukuzwa ngabanye abantu, unguzwilakhe futhi awubakhathalele abantu.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24