Weneka inhliziyo yakhe ngoFelix Hlophe

2015-01-07 08:57
uMamgobhozi

uMamgobhozi

Durban - Imvamisa uma ngike ngakhuluma ngigxeka, abantu baye bathi ngigxekiswa ukuthi nginomona.

Akusilo iqiniso lelo, inkinga yabantu ukuthi abafuni ukusolwa bafuna njalo ukuhlala beshayelwa ihlombe noma bebheda.

Namhlanje-ke uzophoxeka uma ubuze ngengqondo yokuthi ngizogxeka, ngize ngesihle futhi ngikhasa ngamadolo ngizozeneka ngothando engiluzwa ngaphakathi.

Kusukela kushintshe izinhlelo eGagasini FM, njengoba bekwenzelwa amaholidi, angicabangi ngalutho olunye ngaphandle kukaFelix Hlophe.

Akasiyo indoda esingathi ibukeka kahle ebusweni kodwa awu, uyawuthinta umoya wami.

Unezwi elimnandi nomqondo ongajwayelikile. UFelix ungamfanisa noCurry Powder okuyiwo oyolisa ukudla.

Funda nalolu daba: USipho noZama bangikhumbuza uSbonga no-Alex

Ungapheka ukupheka kodwa uma ungazifakanga izinongo, udlala ngesikhathi.

Abasakazi abaningi beGagasi bayawazi umsebenzi kodwa umbuzo uthi bangaki abangena ohlelweni babeyisinongo njengoFelix?

UFelix uyilokhu okungenza ekuseni ngivuke noma kungavukeki ngithi angeke ngiphuthwe yileli lizwi.

Uyitufutufu elithandekayo futhi uqaqeke kangangoba ungamfaka elokishini afithe kolova, umfake esilungwini aphinde akwazi ukuziphozishina.

UFelix udinga ukuthi uhlakaniphe kwawena kuze uzomuzwa ukuthi ukhaliphile.

IGagasi bese ngingalilaleli ekuseni kusukela kwashintshwa abasakazi kodwa kamuva njengoba ngilalela uFelix ekuseni, ungenza ngizibuze ukuthi yini eyenza kube khona abantu aba-ordinary naba- extra ordinary?

Felix baba usohlwini lwaba-extra ordinary, ulunge unjengoba unjalo, konke ukwenza kamnandi ungenza ngifise ukukwazi kangconywana, bengifisa sengathi bengangakushintsha kulolu hlelo obanjiswe lona.

Nakanjani ngingakhuluphala njalo ngizovukela kuwena, angisho ukuthi ngithini kodwa ngithi ubusisiwe owesifazane ozwa izwi lakho ekuseni  lisagcwele ubuthongo, uvuka aphinde alizwe usuzela ebusuku.

Asixhumane kuFacebook, Izindaba Mamgobhozi

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-18°C Broken clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...