Uphila eyakuGenerations uSophie - Umbiko
2012-06-12 10:49
Cape Town - Imibiko yangempelasonto ithi usaziwayo kamabonakude odlala emdlalweni
iGenerations uSophie ’Queen’ Ndaba ugcine ehlukene nomyeni wakhe uBishop
Keith Harrington.
Igoda ligqabuke ngemuva kwezinyanga ezinhlanu laba beshadile, kuke
kwasabalala imibiko ethi uHarrington, ungumuntu onamanga kunjalo akanazo
izitifiketi zobufundisi athi wabufundela.
Lona akuwona umshado wokuqala kaQueen ophela ngedivosi.
Abafundi bathi uSophie ubukeka enebhadi njengomlilngiswa amdlalayo uQueen kuGenerations.
UKwanele Mbatha uthe: Umshado wamanga awubusisiwe, uQueen wenze isinaythelo esihle, angahlala kanjani nomiuntu onamanga?
UNkanyiso Masoka uthe: Vele abantu besifazane abenemali abawufuni umshado bafuna kube yibo amadoda.
UCindy Rooi uthe: Bakithi unebhadi nje uSophie.
UKwanda Dhlomo uthe: USophie usephila lempilo aydlala ku Generations ngempela makunjalo.
UPookie Zinhle Mokoena uthe: Usenkingeni uQueen futhi unebhadi.
UBonisiwe gumede uthe: Lo baba/Mfundisi kungani engenalo iqiniso okubuhlu akaphindeli emuva ukhula uya
phambili, kkungani engazicabangeli ukuthi uyonakekelwa ubani uma esegula noma ngabe
kwenzakalani empilwenii yakhe?
Akayeke ukudlala ngabantu besifazane.
USabelo Nkosi uthe: Kunzima kakhulu kuSophie.
UMsamarai Sibiya uthe: Umshado wamanga awuyi ndawo.
USimlindile Cwecwe uthe: Abantu
besifazane abasiboni isidingo somshado uma bekwazi ukuziphilela
ngabodwana yingako akuhlale kuqhuma amadivosi, uSophie ubezohlala ukuba
ubenothando, kuyenzeka umuntu weslisa aqambe amanga ngoba ezama ukwakha
umuzi.....'intombi ishelwa ngamanga.
UGugu Ngcobo uthe: Unebhadi qha uQueen.
UCollin Khathi uthe: Kusobala
lo mlingisi ungumathanda izinto futhi nezindawo asuke ezilingisi
uziqonda kahle ngoba vele usuke elingisa impilo ayiphilayo!
Ngizwela
abantwana bakhe nje!
UNozuku Nyosana-Qashosho uthe: Phephisa Queen.
UNtokozo Zulu uthe: Amadivosi yizinto asezijwayele lo mlingisi, maduzane uzothola omunye.
UMzikayifani Mthethwa uthe: Ngempela uQueen uthanda kakhulu izinto futhi ujaha kakhulu lezi eziphakeme, umuntu wesifazane
kumele azinike isikhathi axilonge ubudlelwane bakhe nomaqondana wakhe aphinde amfunde naye uqobo umaqondana ukuthi ungumuntu onjani.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News24