Uphaphalazile uhulumeni - Umbono

2012-11-12 16:25

Cape Town - Uhulumeni waseGauteng ubonakale ebhidliza izindlu zabantu baseLenasia, ekuthiwa bazakhe emhlabeni abangavumelekile ukwakha kuwo.

Abanikazi bemizi bathi umhlaba abakhe kuwo bawuthenga, ngale kwalokho bathi imali abakhe ngayo kwayona ibolekwe emabhange.

Abafundi baphawula ngalesi senzo sokudicilelwa phansi kwemizi yabantu.

UBonginkosi B Dladla
uthe: Udaba lokudilizelwa kwabantu izindlu bezakhele bona, ngicanga ukuthi bekumele uhulumeni akhokhele amabhange okubolekwe kuwo imali okwakhiwe ngayo.

Khona imithetho kumele ilandelwe ,uma izakhamuzi zathanga izindawo kubantu abangekho emagunyeni okudayiswa kwezindawo bekumele kuqale kuxoxiswane.

Ngokwami isixazululo kulento bekungukuthi kuhlanganiswe zonke izinhlaka ezithintekayo kuhlalwe phansi kuboniswane.

UThulas Toels Sibiya uthe: Uhulumeni ukhombise ukungabi nozwelo kubantu, abahlali base Lenesia bebezimisele ngokukhokha bavele bayithenge kuhulumeni indawo.

UMphatheni Mavundla uthe: Uhulumeni bekumele abathengele leyo ndawo, uma engakwazi abakhele endaweni esemthethweni.

Kucacela noma ngubani ukuthi uhulumeni akabafuni ngempela abantu abamvotelayo, uncamela ukufihla abantu bangaphandle, abavoti uze abacabange mhla wokhetho.


UMcebisi Madonsela uthe: Cha uhulumeni uthathe ngamawala kakhulu, into ebekufanele ukuthi bayenze wukuthi baphenye bathole kabanzi ngale ndawo nokuthi yafinyelela kanjani ezandleni zabahlali.

UThulane Mlangeni
uthe: Kwaqala ngoTatane kwalandela iMarikana manje sekuyiLenasia, zishibhe kakhulu izimpilo zabantu baseNIngizimu Afrika, bazothi besuka bebe besibangela umsindo ngamavoti.

UMusa Zindela uthe: Umsangano lo owenziwa nguhulumeni,akuhlukile nangesikhathi sikahulumeni wobandlululo.

USiniko Nathi Chagi WaseBizana uthe: Uyabhedanje lo hulumeni, uhluleka ukwakhela kuthi uma sebezakhele ababhidlizele, eyami bebeyoyibhidliza ngifile.


Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-26°C Rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-27°C a few showers. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-20°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...