Ungusomathuba uRamphele - Umbono
2013-01-30 16:24
Cape Town - Umhlaziyi wezepolitiki waKwaZulu-Natal u-Imraan Bachus ukhulume nabezindaba wathi ukholwa wukuthi
usomabhizinisi oyisifundiswa uMamphela Ramphele, angase aphumelele
emizamweni yakhe yokuqala iqembu lezombusazwe.
Nokho abantu abasoze baya nganxanye bengemanzi, abanye babona kanje:
UTaurus Cba Mthokoh uthe: Cha bandla lo mama uzifanela nabo bonke abanye osopolitiki abangosomathuba, kungani afune ukuvula iqembu?
Yini le entsha eza nayo esingakaze siyibone noma esingakaze sikhale ngayo?
Ngimbona elandela ibhodwe elivuzayo.
UThobekani Cliff Mbambo uthe: Ngiyasola uthengiwe, maduze nje sozwa sekuthiwa ubopha ifindo lomshado neqembu elingezwani nasuka kulo.
UXolani Walter Madlala uthe: Ungusomathuba nje, laba abaqhutshwa abantu abathile bethi bazobaleka ukuqala amaqembu, maningi ngokwanele amaqembu akhona.
Abantu abayeke ukuba nomona bafune izikhundla.
UMaster Key Rwantsana uthe: Uyazi imali iningi kwipolitiki.
UNomfundo Full-Chicken Ngwenya uthe: Uzimoshela isikhathi, ayikho indaba yakhe.
USizwesaMangwe Mazibuko uthe: Angeke ephumelele, uzofana ne-DA, yona ephikisa kwasani eyenziwa nguhulumeni.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24