Ungumantunta nendishi uBalindlela - Umbono
2012-11-14 12:39
Cape Town - Iqembu eliphikisayo iDemocratic Alliance selimemezele uNosimo Balindlela, owake waba nguNdunankulu wase-Eastern Cape, ngesikhathi eseqenjini i-ANC, njengelungu elisha eqenjini.
I-DA ichaza uBalindlela (okade eseyilungu leCope) njengofishi omkhulu.
Abafundi baphawula ngokugcogcoma kukaBalindlela.
USbusiso Ntuswa uthe: Yisiwengu uBalindlela, usadlula naku-DA, mhlampe uzogcina ku-NFP, kwazibani.
UMzingisi Qekeleshe uthe: UBalindlela akazazi ngempela ukuthi ufunano, namhlanje uku-ANC, kusasa uyiCope...uma ufuna ukuzuza ku-DA kumele uvumelane noHelen Zillle, ngaso sonke isikhathi.
UZaks Biyela uthe: UBalindlela ngimazi njengo mama owahlulwa yisifundazwe sakhe, wathatha izimali zikahulumeni wathengela indoda yakhe ogandagada.
Waxoshwa esikhundleni wajoyina iCope wangathola sikhundla, mina lo mama ngimfanisa noZiba Jiyane.
UBheki Nkonyeni uthe: UBalindlela wezwa kuthiwa uZille uzokwehla esikhundleni uma kukhona umuntu omnyama ongathatha kuyena, kulelele kunye ukube kubili ngabe kuyavusana.
USamkelo Cele uthe: Yabona manje akasazi ukuthi ufunanai, sekukude emuva kukude naphambili kuye.
Uma ungumuntu ubofunda ukubekezela lapho usuke ukhona, ungabi ugcugcwa, manje uyobhekana nezinkinga eintsha nazo uzozibaleka ma engazi ukuthi yini ayifuna kupolitiki akayiyeke ngoba iyamehlula.
USthembiso Mthethwa uthe: Ngicabanga ukuthi i-DA ithole umholi osezingeni eliphezulu oseqine ukhakhayi ngakwezepolitiki, kungakuhle uma kuwukuthi ubengalandeli ibhodwe eliconsayo.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24