Unezinhloso zakhe uZille - Umbono
2012-11-06 16:34
Cape Town - Umhlaziyi wezepolitiki u-Aubrey Matshiqi uthi ukuhambela kweDemocratic Alliance eNkandla, bekunenhloso nje yokugaya ivoti langonyaka ka-2014.
I-DA ihambele eNkandla ithi iyohlola umuzi kaMengameli uJacob Zuma, ekubikwe ukuthi uzolungiswa ngo-R200 million wamarandi.
Abafundi bayaphawula ngokuya kukaZille eNkandla.
USimlindile Ka-Slangwe Msuthu Cwecwe uthe: UZille ngempela ubeyogaya amavoti, kwazise wonke umuntu unelungelo lokukhankasa noma ngabe kuphi.
UMomo Phumlani uthe: AbeDA bahudulela phansi isithunzi somholi onyama, benza lento eyenziwa nayizintatheli, ukubukela phansi uZuma ngoba engenazo iziqu zemfundo.
Kuyayiwa e-Free State kokhala abahlaziyi, izintatheli nobasi abamhlophe!
USiya Tshebi uthe: UHellen Zille ebefuna ukuzibonela mathupha imali yethu bakhokhi bentela ekudlalwe ngayo budlabha, ngibona kuyinhlamba kubakhokh bentela lokhu okwenzekayo.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24