Umuntu wesifazane uyayinqinda intelezi - Umbono

2013-01-17 16:22

Cape Town - Sekuseke izinsuku ezimbili kuphela ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo ye-Africa Cup of Nations.


IPhephandaba iDaily Sun libike lathi abasebenzi enkundleni yezemidlalo iNelson Mandela Bay, bathi abantu besifazane angeke bavunyelwe ukuthi bangene enkundleni bahlale maduzane nezindlu zokushintshela abadlali, njengoba kunamaqembu asecele ukuthi bangavunyelwa ezinkundleni.

Amaqembu akhala ngokuthi isimame siletha amabhadi enkundleni futhi simataniswa kakhulu nokuthakatha.

Isangoma esaziwayo uBhayilatshoza Mngambe uthi kuyiqiniso okushowo ngamaqembu.

UMakhosi uthi nasempini abesifazane abavumelekile ukuthi babe seduze namabutho, uthi imidlalo ye-Afcon ayehlukile empini.

Abafundi baphawula ngesikhalazo samaqembu ahlanganisa iGhana, DR Congo, Mali kanye neNiger.

Abanye babeke kanje:

UThulile Tiny uthe: Kuyiqiniso kodwa elibuhlungu kulabo abasiqondi isintu namasiko.

Thina esikhule kuliwa, amadoda ebehlala entabeni, futhi njengasebholeni abengasondeli kowesifazane uma kuzoba nomdlalo -

Akukaze kube icala lokho futhi bekwenziwa ngoba kuvikelwa ibutho lingakhathali empini.

Nasebholeni kunjalo, kodwa-ke  uma ungakathombi futhi ungayazi indoda akukho ongabagqilaza ngakho.

UDeputy Maps uthe: Ngizovuma uma sibheka ukuthi yini eyenziwa amaqembu ngaphambi komdlalo sikuqhathanise nebutho lempi elisebenzisa okuthile noma intelezi.

Umuntu wesifazane osenzinsukwini uyayithena amandla intelezi yebutho, ingakho owesifazane kwakungafanele asondele emabuthweni.

Akusikho ukucwasa lokhu.

USbonelo Maphumulo
uthe: Khona bakhuluma elimsulwa iqiniso futhi elingasoze laphikiswa, ngaphandle-ke uma  uwumuntu othi umbala omhlophe ubomvu!

Umuntu wesifazane vele uyazithikameza izinto eziningi empilweni, yingakho kuthiwa akangayithinti indoda ekhanda,  angayeqi indoda,  angadluli phakathi kwamadoda uma ehleli noma emile, futhi kungaphuzwa naye okhambeni  olulodwa, ningalali embhedeni munye uma esezinsukwini zakhe futhi angapheki aze aqede.

Akudingi size sibuze okuningi ngoba kuyacaca phela noma ubani oya emqhudelwaneni kumele azinike amandla ndlela thizeni.


Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-25°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...