Umuntu akenze akuthandayo emzimbeni wakhe - Umbono

2013-02-05 16:22

Cape Town - Ngizithanda nginjena, angikholwa ukuthi abantu bangakuhlukumeza bazame ukukubulala ngenxa yendlela obukeka ngayo,” kusho umlisa abamshaye bamshiya umndondo bethi bacikwa yindlela abukeka ngayo.

UWilfred Hurwitz udwetshwe ama-tatoo umzimba wonke nasebusweni imbala, uthi ukujwayele ukubizwa ngoSathane noma ngombulali, nokho uthi kumphathe kambi ukuthi aze acishe abulawe ngenxa yokubukeka kwakhe.

Abafundi baphawula ngesehlo esehlele uHurwits kanjalo nangemibono yabo ngezindlela abantu ababukeka ngazo.

USiphamandla Mbatha uthe: Mina angazi ukuthi omunye umuntu ungenaphi ekutheni omunye ubukeka kanjani.

Ukubukeka kwakhe noma kunjani angikholwa ukuthi kukhuphula amanini kaphethiloli noma intengo yesinkwa.

Lona ongenawo ama-tatoo yena angazizwa kannjani uma engahalangana nabantu bamshayele ukuthi akanawo?

Into ejwayelekile kimi angeke kube yinto ejwayelekile komunye umuntu, ukuthi kubahlupha kuphi ukuzibhela akwakhe laba abamshayile, kudela owaziyo!

Abantu kumele banake izinto eziqondene nabo bayeke ezabanye abantu, wonke umuntu unelungelo lokwenza noma yini ngempilo yakhe.

Abantu abakholelwa ezintweni ezizodwa, kungani wena ngoba ukholelwa kokuthile bese ufuna wonke umuntu akholelwe kukho?

Ukuthi omunye umuntu wenzani akungamhluphi omunye, umzimba wakhe lona awubhalile, akekho umuntu okhombe abantu ngesibhamu wathi ababuke ama-tatoo akhe, kungani pho ehlukunyezwa?

UThobile Precious Ngema uthe: Ukuthi ashawe cha kuphambene nomthetho, bona laba abamehlulelayo bona bahlulelwa ubani?

Uyedwa umahluleli, uNkulunkulu qha, umuntu wenza into ayithandayo ngesikthathi sakhe uyozbonela yena ukuthi kuhle noma kumbi.


UMenzi Mpanza uthe: Kungenzeka ukuthi indoda lena nayo inesandla ekutheni igcine ihlukumezeka, ayathusa ama-tatoo uma esebusweni.

UPhilani Zondi uthe: Kunaleli gama elithi ukwahlulela, igama leli lisebenziseka kalula kanti asifundiswanga kahle ngalo.

Aleli gama lisho ukuthi ungamlahli umuntu ngokucabanga kwakho kodwa makalahlwe izwi likaJehova, naye-ke lo mlisa kumele alahlwe yizwi angahlulelwa abantu.







Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. Morning clouds. Mild. Pta: 16-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 13-19°C Showery. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 15-24°C Numerous showers. Partly sunny. Mild.
Dbn: 19-29°C Tstorms late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...