Umbono wakho ngebandla lakwaShembe

2011-11-25 09:41

Njengoba udaba lebandla lakwaShembe lusaqhubeka eNkantolo, kuphume umbiko othi UVela Shembe akazange akubalule ukuthi waziswa wuThingo ukuba uzohola ibandla iNazareth Baptist Church encwadini efungelwe.

Sibuze abafundi bethi ukuthi basinikeze imibono yabo ngaloludaba.

USibusiso Msibi waseCharlestown uthi: Lokhu kuletha isithombe esingesihle ngalelibandla njengoba kuyilona bandla elihlonishwa umhlaba wonke ngokugcina amasiko esintu. Akunikezwe umfana wenkosi lena ekhotheme izintambo. Manje lento yenza ukuthi abangayithandi lenkonzo bagcine benza ihlaya ngayo ngalokufakana ezinkantolo, kanti bekuyinto ebingadingidwa mhlawumbe amakhosi athize.

UZamani Mbatha wasePitoli uthi: Ukugwema lesi simo esenzeka ebandleni lama Nazaretha, kumele kume nomgomo ibandla lilonke elizovumelana ngalo. Lomgomo kumele ukucacise ngokusobala ukuthi inkosi ezolandela kuyoba umuntu onjani, phecelezi iSuccession Policy. Lokhu kuyogwema ukuthi kungabi nemibango esidicilele leli bandla ezinkantolo. Ozolandela kumele enze isiqiniseko sokuthi uyakigwema lokhu. Into ehluphayo ukuthi ezenkolo azifani neze politiki kodwa izimbangele zemibango ziyafana; amandla nomcebo.

UMxolisi Wela, usithinte kuFacebook, wathi: Kunzima ukuphawula ngoba ngisho abasonta khona bayanqaba futhi baba nolaka masibuza. Mina ngibona sekukhona inhlese yepolitiki and nokuthanda izikhundla okuphambene nenqubo kaNkulunkulu.

UMusa Makhawula waseNewcastle uthe: Nasemlandweni iskhundla senkosi sithathwa umntwana wayo hhayi umfowayo,ngakho inkosi uNyazilwezulu luyinkosi kwaphela nje.

UMsizi Sikhonde waseMlazi  uthi: Mina ngithi kumele kuphathe inkosi enamandla futhi ekwaziyo ukuphilisa abantu nje ngalo Unyazilwezulu,siyayibona emisebenzi yalo.

UMjey  waseMariannhill uthi: Sengathi into ezosiza yikho ukuthi  abalandeli  bahlangane  kube yibandla elilodwa  kunganakwa izikhundla..

UXolani Mncube uthi: Mina ngithi ke mabeke ukubhekana kubi, ngoba uyasho ummeli wenkosi ukuthi ngubani ozothatha indawo njengoba ishilo iNkosi kuzoba soba la ukuthi ngubani omele ukunyathela ezinyaweni zenkosi.

Ekhuluma isiXhosa, uNtsikelelo Ndzaba uthe: Ezam imbono ngalomba zithi, yinto embi kakhulu ukukhonza umntu ekubeni ekhona uYehova. Ngoba umntu uyajika abeyenye into ekuhambeni kwethuba, lonto yenze ukuba kubekho olunye uqhekeko kaphinde ezinkonzwe zika Thixo.

Sithumele umbono wakho ku-isizulu@news24.com usitshele ukuthi ucabangani ngaloludaba.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...