Uma onile akaboshwe uBobby - Umbono
2012-08-15 16:26
Cape Town - Abezindaba zeKickOff bathi uphiko loKlebe lubophe imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung osolwa ngokukhwabanisa
ngesikhathi kwakhiwa inkundla yezemidlalo iMbombela Stadium, ngaphambi
kwemidlalo i-2010 FIFA World Cup.
UBongani Mkheshe Mbatha uthe: Umthetho awuthethe indawo yawo, ngiyafisa lokhu kungabi nomthelela omumbi eqenjini iKaizer Chiefs.
UThubelihle Uminami Ngobese uthe: Asingayeseki inkohlakalo nokukhwabanisa, uma onile akajeze nokho okwamanje akakatholakali enecala.
ULungelo Master L Zwane uthe: Muhle umsebenzi woKlebe, abafuneki ogombela kwesabo, uma umuntu enecala makaboshwe.
USthembiso Khumalo uthe: Uma ekwenzile lokhu asolwa ngakho akaboshwe, uyasihlaz siyiziMpofana.
U-Akhona Mthembu uthe: Abantu abanemali bavamile uusolwa ngokukhwabanisa, uma ekwenzile lokhu okushiwoyo, akaboshwe.
UMalusi Vezi uthe: Uma kuyiqiniso lokhu, sizoswela imigodi yokucasha ziMpofana, yihlazo leli.
UMzoe Gwala uthe: Uma enze inkohlakalo akaboshwe, lokhu akuhlangene neqembu.
UThembi Mfeka Mamzimela uthe: Hawu waze wasiphoxa, kazi kwenziwa yini labantu abasezikhundleni bethande ubugebengu.
UNathi Zuma uthe: Uma kuwukuthi wakhwabanisa wabe enziwa wumona, konke kuzphela ngelinye ilanga.
UMbongi Precious Ntshangase Hlatshwayo uthe: Uma nje enecala, akaboshwe, akukho okudlula lokho.
ULaffor KB Nkambule uthe: Alikho iqili elikwazi ukuzikhotha emhlane, uma enecala akaboshwe.
UZandile G Nkosi uthe: Lezi yizindaba ezimbi, kodwa uma kueukuthi kukhona ngempela akwenzile uMotaung, kulungileumthetho udlale indawo yawo.
UPhiwayinkosi Bukhosini uthe: Bophani uma kukhona inkohlakalo.
UThandeka Felicia Nciki uthe: Akaboshwe uma onile uMotaung, kumele uma etholakala enecala abhadle ejele.
UThabanie Tj Black uthe: Ngethukile ngalezi zindaba kodwa kumele aboshwe uma enecala.
UDladla Phumzile uthe: Uma kuwukuthi ulenzile icala uzobe ekhombisa ukungeneliseki, komele aboshwe.
ULulu Mhlongo uthe: Noma angaboshwa iqembu lona lizohlale likhona.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24