Ukushaywa othandiweyo wakho kuhlukile - Umbono
2012-11-01 14:56
Cape Town - Siyabona ukuthi iya ngokuvuthwa indaba yokuthi uRihanna noChris Brown bapheshe izinto, kulandela ukuthi uChris ashaya uRihanna wamshiya emabokoboko ngemuva kwengxabano ngo-2009.
Sibe sesicela abafundi bethu baphawule ngaphansi kwalo mbuzo ongezansi.
Ngesingawe ungasixolela yini isithandwa sakho uma sikubeke isandla (akukhathaleki ungowesifazane nowa ungowesilisa)?
Sphe Lindo: Cha
kuyezwakala okowesifazane uma ethethelela owesilisa, awu ngabe awundoda
ushaywa owesifazane mina ngingahamba ngikhohlwe wuye.
Bongani Dlamini: Ukukhuluma iqiniso nje ngingamxolela, kuyini ukushawa kukhona abantu abaxoxela
izithandwa zabo bezifice zenza ucansi endlini yabo? Ziningi kabi
izigigaba ezike zenzeke ebantwini abathandanayo behlukane kodwa babuye
babuyelane if uthando lwabo bekungolweqiniso. Into nje uChris waganjwa
ukucasuka lokho kwakungasho ukuthi usephelelwe uthando lukaRihanna. Ngokwami fanele ngabe kade bayilungisa le ndaba.
Zaza Mbhele: Mina
kuyoba sekutheni usekwenza kangaphi lokho unakho yini ukuzisola.
Nokuphatheka kabi esengibeke isandla. Uyazehlisa yini uma kunjalo?
Ngingamxolela kodwa makuvele bengingasakufuni cha angixoli
hamba ushone njengojeke.
Slindile Dube: Yazi
mina ebengishaya umuntu wami kodwa bengivuka ekuseni sengimxolele ngenxa
yokuthi bengilibona iphutha lami noma ubexolisa ngimxolele.
Zandile Msimango: Mina ngeke nje ngamxolela....ngathi ubaba ongizalayo engakaze angishaye bese ngizoshaywa nje umfana wakomunye umuzi ngeke!
- News24