Uhulumeni umosha imali - Umbono
2012-11-23 16:25
Cape Town - Uhulumeni uzosebenzisa isamba esingaphezu kuka-R60 million ngedolobha iTheku, kulungiselelwa imidlalo ye-Africa Cup of Nations, ezobanjwa ngoJanuwari ngonyaka ozayo.
Uhulumeni uthi inhloso wukuheha abathandi bebhola, uthi uzimisele ngokuthi izinkundla zihlale zigcwele noma kungadlali iNingizimu Afrika.
Angu-40 000 kuphela amathikithi asedayisiwe, kwangu-500 000 akhona.
Abafundi babeka izimvo zabo ngalolu daba.
UMali Thanduyise Dlamini Nene uthe: Umuntu ohlala emkhukhwini nasemigwaqeni eThekwini izomsiza ngani le midlalo ye-Afcon?
Ibhola lizodlula abantu baqhubeke basale behlupheka.
UNtombenhle Mabuza uthe: NgIcabanga ukuthi abantu abaningi bangathanda ukuyobuka imidlalo kodwa inkinga imali engekho.
Kunezinga eliphezulu lokwenyuka kukaphethiloli, ugesi, amanzi kanjalo nama-etolls, ayikho imali esalayo yokuthi abantu bangazijabulisa.
UMzomkhulu Myaka uthe: Sezihlele kahle izikhulu indlela ezizodla ngayo imali zase zithola iqhinga nge-Afcon, zolo lokhu bekune World Cup, iTheku bekungelinye lamadolobha abebambe iqhaza.
USilver Musa Gina uthe: Iyacasula indaba yokuthi kumoshwe izimali kanje ekubeni abantu behlupheka .
Thina abantu abasemphakathini angeke sithole lutho ngokuza kwemidlalo eThekwini.
USbonelo Dube uthe: Imidlalo izobukwa izikhulu kuphela.
UGood Nhleko Entumbane uthe: Inkinga ekhona wukuthi uma sifuna imisebenzi asiyitholi kuzokwenzeka ihlazo ezinkundleni uma sekudlalwa kube nabalandeli abancane.
Kwezinye izindawo intuthuko ayikafiki kodwa kusa phuma imali enkulu kwakhiwa izakhiwo eziqondena nezemidlalo.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24