Ubashiye bedidekile uCapitec

2013-01-07 15:03
Yabelani Shicilela

Cape Town - Isikhulu ebhange lakwaCapitec uCharl Nel, uthe amakhasimende aleli bhange awadingi ukuthi atatazele, kulandela isiphithiphithi sangeSonto, ngesikhathi amakhasimende ethola imilayezo ethi kunezimali ezidonswe emakhadini.

UNel utshele abeFin24 wathi abanikazi bezitolo ekwakuthengwa kubo, yibo abathathe isikhathi ukuveza lama-transactions, wathi azikho izimali ezidonswe ngokungemthetho.

Abanye abanikazi bamakhadi bathi kudonswe imali yezimpahla abazithenga maphakathi nenyanga eyedlule.

Abafundi beZindaba News24, basilandisa ngokwenzeke emakhadini abo:


UThuli Mtshali uthe: Ngiyithole ngo-01:55, ngivukele esitolo ekuthiwa sodonse imali yami bathi abazi bona angiye ebhange. Kuthathwe u-R116.34.

ULucas Majozi uthe: Nami ngingomunye odonselwe imali yezimpahla engazitenga esitolo eGreytown, KwaZulu-Natal.

Ngicishe ngaquleka kodwa kuthe sengibala kahle ngathola ukuthi cishe akunamonakalo, nokho ngizothuphuthuma ebhange ngiyobhekisisa.

U-Isaac Ayoba uthe: Kwenzekile nakimi, ngizoya kwaCapitec ngoba ngiyifuna ibuyile imali yami engu- R200, ngithukuthele kabi!

UNonhlahla Kimmy uthe: Ngiwutholile kodwa owento endala engangiyithenge ePick&pay ngo-R136.

UMshazi Hloboz uthe: Kimi umlayezo ungene ngo-02:51, inkulu kakhulu imali ehambile.

Ngiyafisa ukwazi kuthi kumel engenze njani, ngithole noma zizobuya yini izimali zethu.

UHleh KamaNgubane Shoba uthe: Umlayezo ungene ngo-03:51, uthi ngithenge kwaWoolworths, eBridge City, KwaZulu Natal, ngithenge ngo-R500.

Inkinga ikona ukuthi angikaze ngilisebenzise leli khadi, ngilivule ngoDisemba.

Uma bethi inkinga ayikho ngakubo kumele basho ukuthi ingakuphi!
 

UNonjabulo Mlotshwa uthe: Mina ngathenga mhlaka-24 Disemba, yadonswa imali. Manje kungena omunye umlayezo futhi uthi kudonse imali efanayo.







Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 11-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Showers late. Morning clouds. Mild. PE: 11-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...