Ubandlululo lusemi ngezinyawo kuleli - Umbono
2012-05-09 14:43
Cape Town - Intombazane ebiyozama inhlanhla ekutholeni isikhala eqenjini le-hockey eRusternburg ixoshiwe ngoba nakhu imnyama ngokwebala, kwathiwa kudingeka abamhlophe kuphela.
Sibe sesicela abafundi bethu ukuba baphawule ngalolu daba.
Babeke kanje:
Bafana Bz: UNgqongqoshe wezemiDlalo
makasebenze ngalabo baphathi balelo qembu le-hockey
ngoba lobu ubuhlanga obusobala obunyanyisayo.
Sandirandz Sandile:
Kanti luyophela nini ubandlululo kubantu abamnyama ngokwebala?
Xolile Hazel Ntuli:
Bathathela abantu bebala elinsundu phansi ayikho vese inkululeko kuleli lizwe
yingakho kusenzeka izintoi ezinje.
Nkanyiso Masoka:
Vele la bantu basenobandlululo mina ngibona sekuyisikhathi la kumele bebuyele
kwelakubo manje.
Amos Nkabinde:
Ubandlululo angeke luphele, futhi manje seluqala phansi, seziningi nezigameko
ezenzekayo.
Lindani C’kobi:
Ngathi
bebengathola uMalema labo ukuze bayeke lo mkhuba wabo wokubukela phansi abantu
abamnyama.
Sandile Cebekhulu:
Lusekhona lona silugubhela amahhala uSuku lweNkuleleko.
Velly Mazibuko: Laba bantu akukuhle ngampela lokhu abakwenzayo.
Okadonda Gxabhashe:
Ngeke sikwamukele lokhu ezweni lethu, uFikile Mbalula kumele alusukumele lolu
daba.
Nala Mdumiseni:
Ukucwasa okusobala nje lokhu.
Mpho Mahloleng: Kuyacaca ukuthi besizikhohlisa nge-rainbow
nation. Abantu babenzela uMandela nje mhla wafa nje la belungu nathi sobulalana
inkosi. Abantu sebeyahluleka ukufihla ukuthi ukubekezelelana akukaze kwaba
khona eMzansi
Kwanele
Mbatha: Kusesenzima, ukucwaswa komuntu omnyama
kusadla lubi eMzansi uma kusenokwenzeka kanje kukhombisa ngokusobala ukuthi
umuntu omnyama nomhlophe basazoqhubeka nokuba yizitha.
Mvuyisi April: Ukucwasa akusoze kwaphela futhi abantu bakithi bazahlala
behlupheka.
Benefit
Sibanda: Ubandlululo maluphele ezweni, mide le
minyaka, kanti yini izinhliziyo azikadeli yini!
Mduduzi
Phalasti: Vele le nto yobandlululo ngeke ize iphele
nasemisebenzini kusenjalo.
Ngcebo
Ngcobo: Yabuhlungu-ke leyo nto, le nto iwumyalezo
oqondile wokuthi absifuni abelungu kodwa kancane kancane soze sifike kubona.
Celimpilo
Zondi: Vele akukho okusha ngalokhu futhi akwethusi
angithi abaholi abangama-Afrika besaba uguquko basaguqa kubelungu inkululeko
yethu iyinto engathi shu! Njengamanje ama-Afrika akusafanele azwele uma
kukhulunywa ngokucwasa ngokwebala, nathi kufanele sibatshele ngoguquko.
Nombulelo
Silinda: Akaxoshwe
loyo mlungu loyo!
Tyson
Bester: Angicabangi ukuth ubandlulo, ukuzikhethela
kwabo ukuthi kube nabadlali abamhlophe kuphela. Asiyekeni ukufana ubandlululo nala
lungangeni khona. Sonke siyazikhethela esikufunayo.
Zakhele
Masuku: Koba nini siphawula, uhulumeni akabeke
isigwebo somuntu ocwasayo ngokobuhlanga nangokwebala kuleli, sikhathele
siqanjelwa amanga kuthiwa sikhululekile umhlophe umnyama isigwebo siyadingeka.
Twoboyz
Mthombeni: Ubandlululo lwaphela ngokwemibhalo
ebhaliwe phansi embhalweni,kodwa phakathi kwethu thina bantu alusoze lwaphela.
Sou
Mpontshane: Umalema udingeka uma sekunje.
Dumoz
Khweshube: Wubandlululo-ke
lolu kanti mabazi ukuthi lwaphela sonke sesiyalingana manje kodwa mabehlupheka
bayakwazi ukuma nezingqwembe emgaqweni bacele imali kulaba abamnyama,uhulumeni
wethu makayibheke ngeso elibanzi le nto.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma
ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi
imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- News24