UKeshi wenze ubudoda - Umbono
2013-02-12 16:16
Cape Town - NgoMsombuluko, umqeqeshi weNigeria uStephen Keshi ukhulume ohlelweni lukaRobert Marawa kuMetro FM waveza ukuthi usehambise incwadi yokwesula emsebenzini.
Umqeqeshi ukhale ngokucindezelwa nokunganikwa ilungelo eliphelele lokuqeqesha nokuziqokela abadlali ngendlela emgculisayo.
Uthi noma ewuthanda umsebenzi wakhe angeke avumele isandla sesithathu esizokwenza kuphazamiseke umsebenzi wakhe.
Bayaphawula ngalokhu:
UMxolisi Duncan Mkhize uthe: UKeshi ukhulukela bonke abanye abaqeqeshi abamnyama abangaphansi kwengcindezelo.
UBafana KaZuma uthe: Mina ngiyamubongela uKeshi, ukhombise obukhulu ubuhlakani nokwazi umsebenzi wakhe ngaphandle kokutshelwa ngabanye.
Akhala ngakho kwenzeka nakuleli, kungenelele kakhulu ipolitiki kanye neSafa, umqeqeshi akenze ngentandi yakhe ushayelwa imithetho.
UNkosikhona Thabani uthe: Uqophe umlando uKeshi, lokhu akhala ngakho yikho okwabulala iNingizimu Afrika.
Kwaxoshwa uClive Barker ngaphandle kwesizathu, kuze kube manje siyahlupheka, asiwini lutho.
UNico Magwaza uthe: Yabona lento yokugxambukela kwabanye abantu emsebenzini womqeqeshi, iyalibulala ibhola.
Yingakho nakuBafana sipheka sithulula abaqeqeshi, bonke bakhala ngento efanayo, ukugxambukela kwabaphathi, kunjalo kukhona nabangaphandle abakhokhela umqeqeshi ukuthi adlali abadlali abathile.
Ngalezi zizathu iqembu ligcina lingasenzi kahle.
UMbongeleni Mpigogo Masondo uthe: Ibhola lase-Afrika lisenenkinga, izikhulu zisebenzisa izikhundla nala kungafanele khona.
Umqeqeshi kumele izifunele abadlali ebafunayo futhi abadlalise ngokubona kwakhe, kumele abaqeqeshi bayekwe benze umsebenzi wabo kuthi uma singekho isidingi sakhe izikhulu zizibambele mathupha.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24