UJehova oseBhayibhelini unonya nobuqili

2014-10-28 11:02
Sibongsiseni Shangase

Sibongsiseni Shangase

Durban - Into ebangela ukuthi abantu bagcine sebedla utshani behlise ngo-petrol, baphuze iziwasho ezithandazelwe, bondle amabandla abo ngeminikelo ngezinhliziyo ezimhlophe, ukuthi abaphathi bezwi bathi akwamukelekile ukubuza amananga-nanga kuNkulunkulu.

Ngijwayele kakhulu izinkolo ezisuselwe eBhayibhelini, yize-ke nezinye ngiye ngibuke ngehlo abakwenzayo.

Ungubani kahle-hle uNkulunkulu? Ngiye ngizwe bethi uthi “ezwini lakhe” – nginguye enginguye. Loku kimi akunginiki ingqikithi yokuthi uJehova usamuntu noma ungesinye isidalwa esihlukile kubantu.

IBhayibheli liqhakambisa kakhulu ukuthi uJehova ungumuntu owadala thina ngomfanekiso wakhe. Uma ngiqhubeka nokufunisisa lo Jehova ukuthi ungubani, akuveli namunye umuntu eBhayibhelini ocashunwa ethi ubehleli noJehova umbonile kodwa uvela eyizwi elikhuluma emkhathini (wamemeza u-Adamu esonile ensimini yase-Eden), avele eyisihlahla esigqamuka amalangabi eyalela uMose ukuyotakula abantwana bakwa-Israel, avele eyingelosi, into esamuntwana kodwa enamaphiko.

Funda nalolu daba: Badla kahle abaqwayizi

Uma ngibheka uJehova kusho ukuthi uyiloko esikudingayo thina ngaleso sikhathi, ngoba uvele eyimvu yomhlatshelo ku-Abraham owayesentabeni engenayo imvu yomhlatshelo esezitshele ukuthi uzojuqa indodana yakhe anikele ngayo kuJehova ngoba kumele enikelile kungenjalo ulaka lukaJehova luzokwehlela kuye.

Ngithanda ukuyiphika ukuthi uJehova ungumuntu. Lokho kumenza abe namaphutha, kumenza abe nezithiyo. Ngikusho lokhu ngoba uJehova wenza okungeke kwenziwa umuntu.

Ukwazi konke thina naloko esingakakwazi, kungukumehlisa ubukhulu bakhe ukumfanisa nomuntu, ngoba umuntu unobuthaka obuningi.

Yize iBhayibheli kuthiwa yizwi likaJehova kodwa ngikholwa ukuthi libhalwe ngumuntu. IBhayibheli limbeka uJehova njengomuntu onozwela, onakekelayo, othethelelayo, onothando, ozikhathazayo ngathi. Cha uJehova akanjalo, kepha indlela yakhe yokwenza kusobala ayicishe ngisho isondelane neyokwenza nokucabanga komuntu.  

Isizathu esenza simphuphe uJehova engumuntu ongcono kunathi yingoba thina bantu silangazelele ukunakekelwa, nokuthandwa nokubekezelelwa. UJehova oseBhayibhelini unonya (ukubhubhiswa kweSodom neGomora nomfazi kaLoti ephenduka isiduli sika sawoti), abuye abe nothando (akhiphe abantwana bakwa-Israel eGibhithe abaholele eKhenana), abuye abe nobuqili nokwenzelela (aphambanisele u-Esawu ifa lakhe alinike uJakobe), aphinde aqhathe izwe (akhulelise uMaria umfazi kaDavide), aphinde abhubhise umhlaba (anyule uNowa nomndeni wakhe).

Uma singafundisana ukunikana sisodwa lolu thando nobuntu esibupha uJehova, lelizwe lingaba nokuthula nabantu abadla utshani no-petrol bangake beme. Selule isandla sokusiza singayi kumfundisi nebandla lakhe kepha sibheke omakhelwane nezihlobo ezisidingayo.

Ngoba sithi sikholwa sifele enkonzweni, sithi singakholwa sifele ebubini, sithi sineqhaza elukhulu kulelizwe sibulawe yizigebengu kujike kungabi ndaba zalutho. Ake ningikhumbuze konje agcina ebuyile amantombazane ayethunjwe yiBoko Haram?

.......Yimi owenu nali ikheli ngezansi.




Xhumana neNtshebe ku-sbmvula@gmail.com

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

 

- News 24

Phawula kulolu daba
14 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...