UGcabashe neMarikana akusoze kwalibaleka - Umbono

2012-12-31 15:05
Yabelani Shicilela

Cape Town - Sekubalwa amahora ngaphambi kokuthi ugoqwe unyaka ka-2012, abantu banokuningi abangakubalula ngalo nyaka.

Ezindabeni nakhona zibe khona izigameko eziningi ezenzekile. Abafundi abaningi bathi ayisoze yalibakeka indaba kaSibusiso Gcabashe yokuthi aqambe amanga athi ungumculi kaMasikandi uKwakhe Khumalo, owaziwa ngelikaMgqumeni.

Enye abathi ayisoze yaphuma emakhanda, yileyo yokubulawa kwabavukuzi emayini iLonmin eMarikana.

Babhale kanje:

UBonginkosi Bongi-g Gumbi uthe: Engizohlala ngikhumbula ngazo u-2012 ngukubulawa ngesihluku kwabasebenzi basezimayini eMarikana.

Kuze kube namhlanje akukaboshwa muntu ngaleso sigameko.

UNkanyiso Kheh Mayeza Mcanyana uthe: Singakhohlwa kanjani insizwa eyaba nothando lomculi kaMasikandi ongasekho, yamane yayibiza ngaye yathi ivuka emathuneni.

Kuze kube manje lendoda isatokile....angeke ngisilibale nesikhokho uGeneral Bheki Cele nokuxoshwa kwakhe.

UMthoko Mthembu uthe: Angeke ngasikhohlwa isigameko lapho iNingizimu Afrika igubuzelwa yifu elimnyama kubulawa abavukuzi bebulawa ngamaphoyisa emayini iLonmin eMarikana.

USondlo Brian Mkhize uthe: Ehlekisayo EkaGcabashe, edabukisayo kube eyasezimayini eMarikana.

UWise Kwanda Majoka
uthe: Angeke ngikhohlwe kubulawa amaphoyisa eMarikana maqede kwacweba iziziba kodwa mangabe esedubula ebhekise kubantu ababewahlasela kwasuka omkhulu umsindo.

UMenzi Mabaso uthe: Angeke ngakhohlwa wuGcabashe, ukuxoshwa kukaMalema kanjalo nesibhicongo saseLonmin.

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 15-22°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Cool. PE: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...