Siyamfuna uNomvethe kuBafana - Umbono

2012-05-07 14:51
Yabelani Shicilela

Cape Town - Umgadli weMoroka Swallows osemnkantshubomvu, uSiyabonga Nomvete, uthe ujabule kakhulu njengoba kungenzeka ukuthi aphinde adlalele iBafana Bafana futhi, lokhu kulandela imibiko ethi umqeqeshi weqembu lesizwe uPitso Mosimane ubheke ukubizela lo mdlali eqenjini.

Sibe sesicela abafundi bethu ukuthi bazwakalise ukuphawula kwabo.

Babe sebephendula kanje:

Kwanele Mbatha: Abangalokhu bebuyisa abadlali abanjengoNomvethe, akukhokhelwe uMatatazela imali yakhe.

Sbonelo Fana: Kungaba umqondo omuhle lowo ngoba sinenkinga ekufakeni amagoli.

Jabulani Malinga: Kuhle lokho, uNomvethe udlale ngokuzimisela okukhulu kule sizini.

Cynthia Magcaba: Vele sekuyisikhathi sokulanda abadlali abanamava ngale kwalokho iqembu lesizwe lizofana neqembu lezinkomo nje. UBenni McCarthy naye angalisiza iqembu. Uma uKatlego Mphela engekho kuvele kucace nje.

Mgoba Simelane: Okwami ukuphawula kuthi eqenjini lesizwe siyabadinga abadlali abafana noNomvethe kwazise naseqenjini lakhe iMoroka Swallows uhamba phambili ngokwamagoli kanye nakuPSL ngiyethemba ukuthi bazokwazi ukulekelelana nabanye abagadli abakhona eqenjini lesizwe .

Glen Ncube: Akubuyiswe uNomvethe, uSibusiso Zuma noMcCarthy, basiyeke ngoBernard Parker, uMphela uSurprise Moriri nabanye.

Sbusiso Motha: Okwami ukuth nami ngabe kade ngamthatha Nomvethe noBenni ngoba abagadli bala eMzansi akekho osadlala ukudlula la badlali buka kumanje uNyata Mshekwu wangaphandle,  uMpela vele uselehlisile izinga bekungasafanele bambize eqenjini kube nje kuya ngami Sbu Motha bengizobiza  uManqele, uNomvethe noBenni.

Siphiwe Ngwenya: Umqondo omuhle lowo.

Themba Sibisi: Kufanele vele ngoba uNomvethe udlala ngokuzimisela.

Jnr Gatsheni: Vele basalindeni ngoba kufanele engabe kade bamfaka benoBenni.

Matman Masango: UNomvethe muhle kulezi zinsuku ekushayeni amagoli. IBafana Bafana ingazuza lukhulu kuye.

V Dot Tlou: Sekuyisikhathi vele kade sasimfuna.

Fiso Shandu: Viva Bhele viva!

Nkosana Xulu: Abadlali abanjengoNomvethe noBenni kwakumele badlale ngisho nangeNdebe yoMhlaba ka-2010.

Masithembe Dumezweni: Kunjalo uNomvethe udlala kahle kulezi zinsuku angalisiza iqembu lesizwe kodwa singamkhohlwa noBenni njengoba engasifakela amagoli esiwadingayo.

Thabiso Motswagae - Kulungile lokhu kuzotshengisa abadlali ukuth iqembu lesizwe libalulekile futhi ngiyakholwa ukuth uzolidlalela leli qembu ngoba kuphuma enhlizweni.

Zukisa Xegwana: Sekuyisikhathi impela, uMphela usekhathele naye ukudlala yedwa.

Sandile Cebekhulu: Akamfake kodwa sesimshiyile isikhathi uPitso.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News24

Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-20°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-18°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-27°C Sunny. Warm. PE: 13-23°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...