Siyabonga Mandela - Umbono
2012-07-18 10:04
Cape Town - Abantu abaningi emhlabeni wonke bajabulela usuku lokuzalwa lwesishoshovu somzabalazo uNelson Mandela, ogubha iminyaka engu-94 edla anhlamvana.
Abafundi beZindaba News24, nabo bayahalalisa, abanye basho ukuthi bazokwenzani ngalolu suku:
UBheki Mlawu Tembe uthe: Ngiyambongela umkhulu ngosuku lwakhe lokuzalwa.
USbonelo Sparks uthe: Ngilala ngisho ngengubo enaye ngedlela engimthanda ngayo
uTata Mandiba ngiyafisa ngeliye ilanga ukuthi ngihlangane naye, ngimxawule
ngibonge ngakwenzele isizwe nokuba isibonelo esihle kithina bantu abasakhula.
UNkotana Skhelzin Zakhele uthe: Mina ngizokuba seKliptown, eSoweto, ngizochitha isikhathi sami nabantu abasha, ngiyathanda ukusebenzisana nabantu abasha.
U-Alfred Monwabisi Mngcele uthe: Mina ngizohamba nebandla lmi sihambele esibhedlela siyokhuleka, sinikele nange zipho.
Unwele olude Madiba, Halala Rholihlahla, isizwe siyaziqhenya ngawe.
UMathebula Condry uthe: Happy Birthday Madiba, iNkosi ikubusise uphile eminye iminyaka eminingi.
UWonderboy Introvert uthe: Siyabonga baba Madiba.
UXolisani Maluleka uthe: Usuku oluhle lokuzalwa kuweTata, siyabonga kakhulu ngalokho osenzele kona.
USakhile Mathenjwa uthe: Baba Mandela ufana noMoses owakhipha abantwana bakwa-Israyeli eGibhithe, lapha eNingizimu Afrika sikhishwe nguweMandela ebugqilini.
UZintle Sibisi uthe: Unwele olude babaMandela, siyakuthanda, uyiqhawe lethu.
UKhanyisani Dube uthe: Okumhlophe qhawe lamaqhawe.
UBuhle Mxinwa uthe: Ngaphandle kwakho Tata ngabe akunjena.
Wadela impilo yakho, umndeni, ubumnandi kanye nezinye izinto ezinhle walwela izwe.
Siyabonga ubuhlakani bakho, siyabonga Madiba.
UNomaphelo Ngcani uthe: Ukhule uze ukhokhobe Madiba, sikhululekile ngenxa yakho.
UBongy Shabzo uthe: Unwele olude Madiba, siyabonga ukusikhipha ebugqileni.
UNtwaba Eenboon uthe: Happy birthday Tata, uThixo akwandisele izinsuku zokuphila.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24