Sithi Halala kwabaphasile dudu kofeyilile!
2013-01-03 13:00
Cape Town - Kwabanye kuqhuma umkikizo kwabanye kulukhuni kusatshe, ungafunga uthi kushoniwe kanti cha. Indaba inemiphumela ka-matric.
Abafundi beZindaba News24 bahalalisela labo abaphumelele baphinde baduduze labo abangavelanga amagama abo emaphephandabeni.
UDerick Vumelani Mngomezulu uthe: Mina ngithanda ukuhalalisela izingane zaseSicelosethu High School eNgwavuma, ngokuthola u-96;8% zibe zisuka ku79;8% ngonyaka ka-2011.
Kufeyile ababili kuphela, nabo bazophasa ngokuzayo.
UPinkie Cele uthe: Ngihalalisela bonke abaphase u-matric. Kwabangaphumelelanga ngithi akusiso isphetho lesi bafowethu.
Ngiyazi abanye babona sengathi sekuphelile ngabo bese bezikhunga, ngiyacela ningayenzi into enjalo, nizolithola ithuba lokuphinde nilungise lapho ningaphumelelanga khona!
UNingi Masotobe Cybia uthe: Ngihalalisela umfowethu omncane uKhayalami Sibiya obefunda eNomaswazi High School, kube uNqubeko Molefe obefunda eZakhe Agriculture College, uMthobisi Mbhele obefunda eGobindlovu High School kanye noNomthandazo Magoso yena obefunda e-Umlulama Secondary School.
Laba abangaphumelelang angithi kubo abaphinde bazame, akuphelile, impilo iyaqhubeka.
UThemba Ngcobo uthe: Ngithanda ukuthatha leli thuba ngiduduze udadewethu uZinhle, ubefunda eMpilwiseni High School. Kuzolunga mfwethu, okwenzekile akusho ukuthi sekuphelile ngawe.
Ungaphatheki kabi, kubuhlungu kakhulu kimi.
- News24