Owami ngimpanisha ngoku.... - Abafundi

2013-01-09 15:03

Cape Town - Ziningi iziga ezigilwa ngabantu abathandanayo. Owesifazane wasePortland ungeniswe esibhedlela elashelwa amanxeba angatheni, kulandela ukuthi eklinywe yisoka lakhe limklinya ngemiyeko yalo (dreadlocks).
 
UCaleb Grotberg, 32, uvele ngaphambi kwenkantolo izolo, mayelana necala lokulimaza.
 
Abafundi basilandisa ngezndlela abapanisha ngazo abantu babo uma bethe bathusana, abanye basho abake bakuzwa kuthiwa kwenzeka.


USakhile Cele uthe: Ngivele ngimsokolise ekamelweni, ngibambe inkonzo kodwa ngiqinisekise ukuthi kwenela mina ngedwa. Angimwotawoti nokumwotawota lokhu.

USandile Ndadane uthe: Thina sinengane esiyithanda cishe ngokulinganayo, ngivele ngiyigeze mina ngihambe nayo simshiye siye edolobheni.

Angimtsheli ukuthi siyaphi, uma sesibuya ngidlala nayo kuthi uma ezama ukudlala nathi sishintshe indawo simshiye kanjalo.

UMabutho Vilakazi uthe: Ngifuye inyoka, saxabana nowakwami  ngamfaka endlini ehlala inyoka usuku lonke, emveni kwalokho wangala ngoba esaba inyoka.

UNontobeko Oleta Dlamini-Nzala uthe: Umama omncane wami  washiswa yisoka lakhe nge-hotplate ezinqeni, namanje usenezibazi.

USimlindile Ka-Slangwe Msuthu Cwecwe uthe: Uma ngimbambe oqotsheni, ngenza isiqiniseko sokuthi uyabona ukuthi ngibonile.

Angimbuzi lutho futhi angifuni kuchazelwa lutho. Angitshengisi kudinwa noma ukuphoxeka kodwa angixoxi njengenjwayelo.

Angidli kudla kwakhe, angimthinti, angilali naye kodwa imali yokugibela ekuseni uma eya emsebenzini ngiyamnikeza neyezidingo zasendlini.

USbonelo Dube uthe: Mina umfazi wami ngimudlela amaphilisi ocansi, ngimshuke kuze kuse, kuphela nya ukweyisa.



Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 11-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 17-26°C Showers late. a mixture of sun and clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...