Nobhubha kusale thina esingadli tshani naphethiloli

2014-09-29 11:07
Sibongiseni iNtshebe Shangase

Sibongiseni iNtshebe Shangase

Durban - Into engiyithandayo ngobuholi bukamoya besintu ukuthi akugcwanekelwa ngakubona, kunohlelo lokukhuluma nethongo.

Kunezigaba ezilusa impilo yomuntu ngokunikezelana okunenhlonipho zikhathi zonke.

Idlozi liyathethiswa uma lingenzi kahle, likhuzwe lapho liphambuke khona, kuphinde kushwelezwe lapho kuphambuke khona abasaphila ngezenzo zabo ezithile. Konke kunomgudu nendlela elandelwayo.

Ungethi-ke ngoba sesadungwa abezizwe bese sixuba yonke inkolo nesiko kuphume ingwe emabala wena owabona isithwalaphishi!

Le nkolo esisekelo sayo singuJesu Kristou waseNazaretha ihluke kakhulu ngoba noma ubani uyazitapela nje kuJesu aphume akhe elakhe inxiwa, nomunye atape aphume akhe elakhe. Bonke bazishaya isifuba ngokuba zindlalifa zezulu kodwa uma ubhekisisa indlela yabo yokwenza ihlukile kwinxiwa nenxiwa.

Ukuxega komgogodla wenkolo yesizwe esinsundu kudlondlobalise la mabandla asebenza “ngogazi” (charismatic churches). La mabandla aqhudelana ngogazi nezimanga ezigilwa kuwona - Ngikhule ngazi ukuthi kukhona iZayoni, amaRoma, namaNazaretha ngenxa yokuthi kuphela kwamabandla abekhona ngakithi.

Funda nalolu daba: Badla kahle abaqwayizi 

Le mikhuba esekuqhudelwana ngayo iya ngokwandwa ngenxa yokukopelana le migilingwane eyaqala phesheya kwezilwandle, yasabalala nezwe lonke njengoba isidla lubi e-Afrika. Mina-ke njengoba ngingasonti nhlobo ngibuka kahle ngingaphandle ngehlo lenyama hhayi ngelikamoya.

Imfundiso yami ingitshela ukuthi ukukholwa kula mabandla kufana nse nokudla izidakamizwa.

Umuntu odla isidakamizwa esinamandla owenza okusamsanganywana angeke akwenza uma engadlanga. Le mikhuba ikhonzwe kakhulu isimame, angazi noma yingoba sibuthaka kakhulu noma yibo ubufakazi beBhayibheli ukuthi isono sangena ngo-Eva maqede wasidlulisela ku-Adam.

Kule ndaba esematheni yabazalwane abaphuza u-petrol kuvela idlanzana labesimame lihamba lipetezela wena owabona umuntu ecwile ezidakamizweni libangisana ngokuyophuza lesiwasho kuMvangeli/Mfundisi/Mprofethi.

Into enginenga kuthi angishaye umuntu yilena yokuthi labantu bagcwaneka kangaka nje egameni likaJesu noJehova kodwa kwayena Jesu/Jehova uyazibukela (mengabe uyababona), akabenzi lutho.

Le mikhuba isisidicilele phansi yasiqeda kimi isithunzi samabandla asindisiwe egameni likaJesu Kristu waseNazaretha. Nobani onomlomo uvele avumbuke abe ngumgcotshwa, inceku ekhethiweyo eshumayela ifakaze ngegama likaJesu.

Enkolweni yesintu umhlaba awubhubhi, kepha ukufa kuyiyona ndlela esidalelwe ukuthi siyohamba ngayo sifike ngale sibe yizibani zokukhanyisela imindeni yethu esasele kuleli elimagada ahlabayo.

Labothathekile babazalwane bathi “hhayi yizinsuku zokugcina selizobhubha”…akukho mhlaba wabhubha sidlala nina nihhema la, bhukulani nizinakekele, ningakhohlwa ukuthi nisukaphi, ngaphezu kwalokho ningazikhohlwa ukuthi ningobani, melibhubha lobhubha kunina nodwa sisale thina boNtshebe esingadli tshani na-petrol!




Ungaxhumana neNtshebe ku-sbmvula@gmail.com

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...